UMNDENI womsunguli amaSABC Crown Gospel Music Awards, uZanele Mbokazi usuveze ukuthi akekho ozothatha isikhala sokuba wumphathi walo mcimbi, kuyohlala kunguye umsunguli nomholi wawo.
Bakusho lokhu izolo eSABC, eThekwini nala bebezomemezela izinhlelo zomcimbi walo nyaka ozoba seGallagher Convention Centre, eGauteng ngoNovemba 24.
Umyeni kaZanele uBishop Mpendulo Nkambule, uthe akukho okungabavimba, umcimbi uyaqhubeka yize uZanele engasekho emhlabeni.
Uthe noma unyaka ubunzima kodwa akukho okungabavimba ukuhlela umcimbi.
“Isifundazwe saseGauteng sesiqalile ukuba nezingxoxo nazo ukubamba umcimbi walo nyaka. Nabo asinaso isibophezelo seminyaka emide ukuthi soba nabo emihlanu noma eyishumi, kodwa nakulokhu sixhumene nabo bathembisa ukuhamba nathi. Kungakho siphindela khona. Eminyakeni ezayo uma izifundazwe zithi zifuna umcimbi uze kubo lokho ngeke sikuvimbe. Ngonyaka ozayo singawubona ubuya Kwazulu-Natal,” kusho uNkambule.
Uthe kodwa bayacela kunoma ubani ofuna ukuxhasa umcimbi bafake isandla.
“Kusuka kule nyanga kuzovula ukudayiswa kwamathikithi. Ekupheleni kuka-Okthoba kuzoba nomcimbi wokumemezela abaqokiwe njengoba kuzovalwa ngo-Okthoba 10 ukungenela, bese sibamba eminye imicimbi emincane ehambisana nomcimbi omkhulu. Sobe sesivala ngokuhlonipha abaqokiwe," kusho uNkambule.
Uthe lonke ithimba akade uZanele ehlanganisa nalo amaCrown likhona futhi lizimisele ukwenza konke ukuze kube yimpumelelo.
"Akekho ozothatha isikhala sokuhola sikaZanele. Uzoqhubeka nokuba umholi walo mcimbi, akekho omunye. Siyanxusa ukuthi abantu abafuna ukuya emcimbini besuka kwezinye izifundazwe, uma kuvulwa amathikithi babone ukuthi yini abangayenza ukuze bathole indlela yokuhamba neyokulala ezovela khona ku-website," kuchaza yena.