BAFUNA umkhuzi wamaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi, abalekelele engakehlisi “isivinini ahamba ngaso”, abantu baseMgungundlovu abaxakwe abantu bokufika.
Abantu baseMgungundlovu banxuse uMkhwanazi ukuba angenelele ngokushesha odabeni lobugebengu obenziwa ngabantu bokufika enkabeni yedolobha.
Lokhu bakusho ngesikhathi kunembizo yokuxoxa ngobugebengu ebibizwe uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, izolo.
UMnuz Gobizizwe Zondi waseMbali, uthe abantu bokufika bayazenzela ezakhiweni ezisedolobheni, wabalula kakhulu ezisemgwaqweni uPietermaritz.
“Siyocela kule sivinini onaso, ukuba ungenelele kulolu daba ungaze ukhathale. Akuhambeki kuPietermaritz, amaPakistan ayazenzela. Angazi ukuthi anasiphi isivumelwano nomasipala. Sicela ungenelele kungaze kungenelele thina siwumphakathi.”
Nakuba uZondi encome amagalelo kaMkhwanazi ekulweni nobugebengu, ukhalaze ngesiteshi sangakubo eMbali.
Uthe eminyakeni emibili edlule, kwadutshulwa indodana yakhe ngezinhlamvu eziwu-17 ngaphandle kwesiteshi samaphoyisa, kwangaphuma ngisho iphoyisa elilodwa.
Abantu abaningi abakhulume embizweni bakhale ngokungabibikho kwezimoto eziteshini zamaphoyisa angakubo, ukwebiwa kwemfuyo nokuhlala ngobumnyama ngenxa yokungabi bikho kweziphehli zikagesi, ama-transformer.
UNksz Nombulelo Gumede wakwaMafunze, uthe bayaye batshelwe ukuthi izimoto azikho uma beshayela ucingo esiteshini samaphoyisa.
UMnuz Mzothule Mchunu waseMooi River, uthe imfuyo yabo iyantshontshwa, wathi iningi lemfuyo entshontshwayo iphelela oThongathi nakwaMaphumulo.
“Okuxakayo ukuthi amaphoyisa asuke esekuphi? Kungani engaze angazifuna izimvume zokuthuthwa kwemfuyo?”
Ephendula izikhalazo zezakhamizi, uNtuli uncome igalelo likaMkhwanazi ekulweni nobugebengu.
UNtuli uthe uMkhwanazi uyisibonelo esihle emaphoyiseni, wathi abantu bakwezinye izifundazwe bayafisa ukuba nabakhuzi bamaphoyisa afana noMkhwanazi.
“UMkhwanazi ngimhloma uphaphe lwegwalagwala. Abantu bathi uma bonke abakhuzi bamaphoyisa bakwezinye izifundazwe bengase befane naye, ubugebengu bungaphela.”
UNtuli uthe babambisene kahle noMkhwanazi, wathi bazoyinqoba impi yobugebengu.
“Lo mkhankaso wokulwa nobugebengu lapha KwaZulu-Natal angeke ube inganekwane noma iphupho lasebusika. Sizokulwa nobugebengu, asikhathalele ukuthi benziwa ubani.”
UNtuli uthe bazowukhomba umuzi onotshwala labo abazonqaba ukuboshwa.
“Kufanele abantu baKwaZulu-Natal bazi ukuthi uma bekhipha isibhamu besibhekisa emaphoyiseni, amaphoyisa ngeke ahlale angazivikeli.”
UNtuli uthe bazoqhubeka nomkhankaso wabo abawubhekise ebantwini basemazweni angaphandle abangenazo izimvume zokuba kuleli.
“Kulabo abangaphandle abangenazo izimvume zokuba kuleli, ngithi kubo uyeza uMkhwanazi.”