NJENGOBA kugujwa inyanga yabesifazane, abasemkhakheni wezobuciko basethubeni lokuthi bavelele ngeShashalazi Women’s Theatre Festival ngo-Agasti 22-25, eKCap, KwaMashu.
Ukungenela umncintiswano wemidlalo yeshashalazi onabesifazane kuphela, sekuvuliwe futhi kuvalwa ngo-Agasti 16.
Okhulumela ifestivali eKCap, uSamke Dlamini, uthe bagqugquzela ukuthi bonke abayingxenye yomncintiswano kube yimbokodo yodwa.
“Abalingisi kumele kube ngabesifazane bodwa, ngokunjalo nophrojusa bayo kube ngabesifazane kuphela. Lokhu sikwenza ngenhloso yokugubha inyanga yabesifazane neminyaka engu-30 singaphansi kukahulumeni wentando yeningi. Silindele amaqembu alinganiselwa ku-40 azoba yingxenye yomqhudelwano okuzowina amaqembu amathathu enze kahle. Noma ngabe akuwinanga umdlalo kodwa kunemiklomelo yokuqondiswa kwawo ngendlela nekhono lokulingisa kwabayingxenye yawo. Abawinile bazothola imali nezindondo,” kuchaza uSamke.
Uthe kuzoqala ngombuthwano ngo-Agasti 22, bese kuba nomqhudelwano ngo-Agasti 23 kuya ku-25. Kwabazobe bengamajaji kukhona uGugu Gumede, Mpumi Mthombeni nabanye.
Kulo nyaka umqhudelwano uzoba ngoka-16 ubakhona kanti baningi asebesemidlalweni emikhulu yethelevishini abaphuma ngaphansi kwalo mncintiswano.
Phakathi kwabanye abavundululwa emqhudelwaneni kubalwa no-Angel Zuma, olingisa emdlalweni wethelevishini, Umkhomkha-the Curse.
Kwabanesifiso sokuwungenela bangaya eKCap, KwaMashu, bayothola imininingwane nokugcwalisa amafomu okuba yingxenye yawo.