ABAPHATHI bendawo yobumnandi i-Ayepyep eKapa banxusa umengameli, uhulumeni nomholi wamaphoyisa ukuba bangenele enkingeni ababhekene nayo ngeqembu lemigulukudu.
I-Ayepyep yindawo yokudlela nobumnandi eyasungulwa ngu-Oupa John Sefako owayaziwa ngoDJ Sumbody nophathina wakhe uKagiso Setsetse, ePitoli eminyakeni eyisishiyagalombili.
U-DJ Sumbody wavinjezelwa woshayasibhamu ephuma endaweni yobumnandi eWoodmead ngoNovemba 20 ngonyaka odlule.
Lo DJ wayehamba nabaqaphi bakhe ngesikhathi ehlaselwa ngabantu abangaziwa. Ukuhlaselwa kwakhe kwathusa abantu abaningi ngoba akuzange kucace ukuthi wayebangeni nobani futhi kuze kube yimanje udaba lokubulawa kwakhe lusaphenywa.
Kuthe kungakapheli nesikhathi esingakanani kubulewe uDJ Sumbody uphathina wakhe ebhizinisisi, uSetsetse waqama ukushiya izwe wayo bhaca eDubai.
Kwala ngisho esefunwa ngamaphoyisa aphenya ukubulawa kukaphathina wakhe. Watshela abezindaba ukuthi abammeli bakhe bamyalela ukuba athumele isitatimende ngobuchwepheshe besimanje, noma nge-imeyili.
“Ngizobulawa.” “Ngeke ngibuye eNingizimu Afrika ngoba ngiyazi ngizobulawa ngifika-nje. Imigulukudu ixhumene neziphathimandla eziningi zizokwazi uma sengibuyile ekhaya, okuyinto ezofaka impilo yami engcupheni,” kusho uSetsetse etshela abeDaily Maverick ekuqaleni kwalo nyaka.
Kwenzeka konke lokhu kunecala eliqhubekayo eNkantolo eNkulu yaseWestern Cape lapho uSetsetse eveze izinkinga ababhekene nazo ngegatsha labo eliseKapa.
Encwadini esenkantolo, kuvela ukuthi uSetsetse ne-Ayepyep banesikhalo ngoNicole Johnson ongumphathi kule ndawo nomyeni wakhe uRalph Stanfield, okuthiwa ungumholi weqembu lemigulukudu elaziwa ngama-28.
UStanfield usolwa ngokusabisa abasebenzi kule ndawo yobumnandi nokuyithatha ngodli ayenze eyakhe.
Kulesi sitatimende sakamuva esikhishwe ngabe-Ayepyep, basola uStanfield ngokuthatha ngodli umsebenzi wabo esabisa nabasenzi.
“Abaningi bayamazi uRalph Stanfield futhi bayamsaba ngoba uzenzela umathanda yonke indawo. Yize sinayo incwadi yenkantolo enqanda lo mlisa ukuba enze lokhu futhi kunecala lobugebengu avulelwe lona, kodwa uyaqhubeka nokuthuma abasebenzi bakhe ukuthi benze umathanda,” kusho isitatimende.