SIZOHLONIPHA abantu besifazane ababhekene nokuhlukumezeka isiqephu sangoLwesihlanu somdlalo Uzalo.
Kuzobonakala ubuso obusha babalingisi abazofikisana noBaby Cele (Gabisile), oshaya ibuya ngemuva kokunyamalala isikhashana.
Kubalingisi abasha kukhona uNothando Ngcobo ozobe elingisa indawo kaHlelo no-Andile Msomi ozobe edlala ekaMthunzi.
Indawo kaHlelo izogqama kakhulu njengoba izogxila ezigamekweni zokuhlukunyezwa kwabesifazane kuleli.
UHlelo ungowesifazane osemncane, okholelwayo ekutheni ngelinye ilanga impilo yakhe iyoshintsha kodwa futhi ulimele emphefumulweni wakhe ngenxa yezinto esezimehlele.
UNothando, oseke waqokwa emcimbini wokuhlonipha abalingisi bemidlalo ehlukene, amaSimon Sabela Mabhunu Award, ngo2017, uthe ukusebenza kwakhe kanzima ekugcineni kuthele izithelo ezinhle.
“Ukwethulwa kukaHlelo kulo mdlalo ngiyacabanga kufike ngesikhathi esihle kuyinyanga yabesifazane, la kubungazwa khona igalelo labo abalenza eminyakeni edlule kuphinde kuliwe nesihlava sokuhlukunyezwa kwabo. Kulo mdlalo indawo kaHlelo izoveza izinto ezihlukene ezenzeka kubantu besifazane kodwa yize bedlule kukhona konke lokho bayasukuma bazithintithe baphinde baphumelele,” kusho uNothando.
Uthe ukulingisa indawo efana nalena kumbonise ukuthi uma abesifazane bengabambana lukhona ushintsho abangalwenza emhlabeni.