UYAZIHLANGULA umqeqeshi weRichards Bay FC, uVusumuzi “Kanu” Vilakazi, ngolwabadlali abane abachithwe yileli qembu emasontweni adlule.
INatal Rich Boyz ikhombe indlela umakadebona uLucky Mohomi, Sakhile Hlongwa, Mpho Mathebula noSinethemba Mngomezulu osayine kuleli qembu esuka kwiStellenboch FC ekuqaleni kwesizini ka-2023/2024.
Bonke laba badlali bathwale kanzima ukuthola isikimu ngenxa yokuhlala belimele. Leli phephandaba belihoshe ukuthi sekubami emphinjeni abaphathi beBay ukuhlala egunjini likadokotela kwalaba badlali ekubeni lidonsa kanzima futhi besayiniswe bethenjiwe.
UHlengwa usize iBay ngesikhathi yenyukela kwiDStv Premiership isuka kwiMotsepe Foundation Championship ngo-2022. UMathebula, okhulele enkulisa yeBidvet Wits, usayine kwiBay ngo-2022. Ngaphambi kokuxoshwa kwalaba badlali, iBay ihlukane isinyenyela nomgadli uLetsi Koapeng osethole ikhaya elisha kwiMoroka Swallows.
“Yisinqumo esithathwe ngusihlalo (Sifiso Biyela). Sekunesikhathi ngilapha eqenjini, kade bekhona eqenjini kodwa bengadlali futhi bebelimele. Ngakho ngeke ngiyazi imininingwane yokuthi kungani bekhululiwe noma kungani iqembu libakhombe indlela. Kodwa selokhu ngafika lapha, abakaze bajime,” kusho uVilakazi.
IBay ikhulula abadlali nje, ilengela ezembeni kwiPremiership. Isendaweni ka-15 emidlalweni engu-20. Isihlukaniswe ngamaphuzu amabili neCape Town Spurs esemsileni we-log ngawu-12.
Nokho kule mpelasonto, uVilakazi uzothola ithuba lokukhohlwa wumbango wamaphuzu njengoba ezakhe zizodlala kowe-Last 16 yeNedbank Cup. IBay izobhekana neSuperSport United eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.
UVilakazi uthe iNedbank izobasiza ukwenyusa ukuzethemba kubadlali okuyinto abazoyidinga emidlalweni yeligi.
“Ngiyazi ukuthi ngeke kube lula uma ubheka ukuthi ngesikhathi befike lapha sibadlile ngo 3-1. Uma futhi ubheka imidlalo uma ngibhekene nomqeqeshi wabo, akanayo inhlanhla. Ngesikhathi ngisula kwiGolden Arrows, ngimshayile ngo 3-1. Ngesikhathi ngikwiChippa, ngimdlile ngo 1-0. Njengoba sengilapha kwiRichards Bay, ngimhlule ngo 3-1. Kusobala ukuthi uzokhathazeka ukuthi ubhekene nami futhi okusho ukuthi sinethuba lokuwuwina lo mdlalo. Ngeke kube wumdlalo olula. Kufanele sijuluke ngempela siyiqembu. Lokho sikwenza sizama ukwenyusa izinga leqembu lokudlala, senzela imidlalo yeligi.”