UVUSUMUZI “Kanu” Vilakazi, umqeqeshi omusha waMaZulu kwiDStv Diski Challenge (DDC), akayigqizi qakala eyabathi “ucuthele” umsebenzi kaPablo Martin opheka iqembu loSuthu leBetway Premiership.
UVilakazi uqashwe wuSuthu emasontweni adlule emuva kokuhlukana neRichards Bay FC. Emdlalweni wakhe wokuqala ehlezi ebhentshini eqenjini leDiski, udlale ngokulingana ngo 0-0 ne-Orlando Pirates eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngoMgqibelo.
Ukuqashwa kukaVilakazi kweleDiski ekubeni engumqeqeshi osesebenze isikhathi eside kwiPremiership - wasindisa iRichards Bay ezembeni ekupheleni kwesizini edlule - kuqubule izinkulumo zokuthi umengameli waMaZulu, uSandile Zungu, ucuphe ngaye ukuthi angene endaweni kaMartin ohluleke wancama ukuthola imiphumela egculisayo ngesizini edlule.
“Abantu banenkululeko yokukhuluma. Bangasho noma yini abafuna ukuyisho. Ngeke ubasole. Babona izinto ngendlela yabo. Ngingumqeqeshi oqashelwe iDDC futhi ngilapha eqenjini ngokweDDC. Kodwa ke umuntu unezifiso zokufinyelela kwelinye izinga. Ngakho ngingabuyela kwiPSL, mhlawumbe hhayi lapha. Angazi,” kusho uVilakazi.
UVilakazi unenselelo yokushintsha izinto eqenjini leDiski loSuthu elingenzanga kahle ngaphansi kwabaqeqeshi abahlukene. Isizini edlule iqalwe nguReneilwe Letsholonyane, yavalwa ngu-Andile “Sguda” Cele osebuyiselwe kwelika-Under 19. Kule sizini eqenjini leDiski, Usuthu lushaya ngenqwaba yabadlali abaphuma kwelika-Under 19 elidlala ingcwenga yebhola ngaphansi kukaCele.
Emuva komdlalo wokuqala wesizini nePirates, uVilakazi uthe izinto ziyathembisa.
“Ngihlabeke umxhwele ngomfutho, ukuzinikela nokuzimisela kwabadlali. Kusaphele amasonto amabili kuphela nginabo kodwa sekuyacaca ukuthi kukhona okuzokwenzeka. Kodwa kumele ngikusho ukuthi uma ngibheka izibalo zangesizini edlule, bangenelwe ngamagoli angu-66, bashaya angu-30. Lokhu kuchaza ukuthi bashaye igoli emdlalweni ngamunye. Uma ubheka lokho kuyakutshela ukuthi kusadingeka kulungiswe leso simo,” kusho uVilakazi.
Imiphumela yemidlalo yeDStv Diski Challenge:
Chippa United 2-1 Marumo Gallants; Magesi FC 1-1 Stellenbosch; AmaZulu 0-0 Orlando Pirates; Richards Bay FC 0-3 Mamelodi Sundowns; SuperSport United 0-0 Polokwane City; Cape Town City 6-2 Sekhukhune United; Golden Arrows 0-2 Kaizer Chiefs.