KUCHITHWE amahemuhemu nenkoleloze ngobudlelwano bomsunguli we-African National Congress (ANC), uDkt John Langalibalele Dube, nomsunguli wenkolo yakwaShembe, iNazareth Baptist Church, uMphrofethi Isaiah Shembe (uMqaliwendlela).
Esifundweni ebesenziwe ngalaba baholi baseNanda, ebesibanjelwe e-University of KwaZulu-Natal eMgungundlovu kuleli sonto, kucacisiwe ukuthi ngamampunge ukuthi uShembe noDube babeyinkukhu nempaka.
Amanye amahemuhemu asabalele yilawo athi nguDube owabhala ephephandebeni lakhe, Ilanga LaseNatali, ukuthi uShembe washona kade ezama ukundiza. Amanye amaNazaretha athi uDube waqalekiswa ngalokho.
UDkt Ngugi Mahaye, owumsunguli weSiqabetho Senhlalamafini, uthe uShembe noDube kwakungamathe nolimu kangangoba uShembe wathandazela uDube ngaphambi kokukhethwa njengomengameli we-ANC ekubeni ayengekho.
"Abawaziyo umlando bazokhumbula ukuthi uma kuyosungulwa umbutho wabantu owawuzolekelela ukuthi izwe liphume kumakhamandela, uDkt Dube akayanga eMangaung (eBloemfontein ngo-1912), kwakumele aye. Owayebhala i-concept kwakunguMnuz Prixley Ka-Isaka Seme. UShembe wafika ngo-4 ekuseni wangawuthatha umthandazo ka-4. Wahamba wayowuthatha kwaDube, wathandazela uJL Dube." UMahaye uthe uDube wakhethwa ukuba wumengameli engekho. Uthe abantu angeke babuqonde ubudlelwano balawa maqhawe.
"Kwathi noma kuhamba kuba nezimo zasemhlabeni abazange bahlukane," kuphawula uMahaye.
Echaza ngendikimba yalesi sifundo, uSolwazi Vitalis Chikoko uthe bakhumbula izingwazi ezasifundisa ukuthi sikwazi ukuzicabangela, singacatshangelwa. Uthe lesi sifundo besenziwe ngokuhlanganyela wuphiko lwezemfundo nolwezenkolo.
Uthe inhlosongqangi yalesi sifundo bekungekhona ukubaqhathanisa kodwa bekuwukubethulela isigqoko.
Umlingisi owayenguMaNgcobo kuZalo, uDawn Thandeka King, uthe yena usalaxaza inkolo yobuLuthela wajoyina eyamaNazaretha. Uthe yena uyisizukulwane soMqaliwendlela ngenxa yokuthi uyise nguLombo Qiniso Shembe oyindodana yeLanga, iNkosi uJG Shembe.
Udalule ukuthi usenethempeli lakhe elibizwa ngokuthi iKwaThandeka eFourways, eGoli.
Umlingisi ongumzukulu kaDube, uZweli Dube, unxuse ubuholi bamanje ukuba bayiphathise okwezikhali zamaNtungwa inkulunkuleko eyalethwa wukuzabalaza kwezishoshovu esezalala kobandayo. UShembe wadlula emhlabeni ngoMeyi 2,1935 kwathi uDube washona noFebhuwari 11,1946.
Lesi sifundo besihanjelwe ngobengundunankulu waKwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube, uSolwazi Sihawu Ngubane nezinye izinjululwazi.