AKAZIMISELE ukuphindisela kubantu athi bamenze isilo sengubo wagcina eboshwa uMnuz Paseka ‘Pastor Mboro’ Motsoeneng.
Usho kanje esithangamini nabezindaba eqeda kudedelwa ngebheyili kaR3 000 eNkantolo yeMantshi yasePalm Ridge, ngoLwesine.
Unogada kaMboro, uMnuz Vincent Baloyi udedelwe ngesixwayiso, bobabili bayalelwa ukuthi babuyele enkantolo efanayo ngo-Okthoba 21.
Babekelwe imibandela yokuthi bangaxhumani nofakazi noma ngabe iyiphi indlela futhi bangalubhadi esikoleni okwehla kusona isehlo.
“Angizimisele ukuphindisela noma ukulimaza abangihlasela. Ngifuna kube khona ukuthula nokubuyisana. Mina ngiwuMboro futhi ngingenza okuningi,” kusho uMboro.
Uthe ufuna kuhlalwe phansi kuxoxwe bese abantu abamonile becela uxolo ngento abamenza yona.
UMboro uthe uzobiza isithangami nabezindaba namuhla achaze kabanzi ngokumehlele egqunywe ejele okuyinto ezonyakazisa izwe.
“Noma ngabe yini oyenzayo ungabanjwa futhi ungenzi into ezokwenza ubanjwe. Indodana yami cishe yezwa kuthiwa uMboro ufele ejele. Ijele aliyona into yokudlala, akuna-clever laphayana,” kuchaza uMboro.
Uthe ujabule ethola ibheyili khona ezokwazi ukuvikela umndeni wakhe, aqhubeke nomsebenzi kaNkulunkulu nowokwakha izwe aphe abantu uthando.
Ngenyanga edlule uMboro, indodana yakhe uMnuz Revival Motsoeneng noBaloyi baboshwa bathweswa amacala angu-12 okukhona nawokusabisa, ukuthumba nokukhomba ngesibhamu.
Lokhu kusukela esehlakalwenii lapho bangena ngodli esikoleni esiseKatlehong, eGauteng behlome ngocelemba nesibhamu ‘esiyithoyizi’ basabisa othisha maqede bathatha izingane ezimbili ezingabazukulu bakaMboro.
Wavuka inja ebomvu umphakathi wangqongqisa isonto lakhe eseboshiwe.