INKAMPANI elawula ukusebenza ezikhumulwenzi zezindiza kuleli, i-Airports Company South Africa (ACSA), iqinisekise ukushona kwabagibeli ezikhumulweni zezindiza i-OR Tambo ne-King Shaka kule mpelasonto.
Ngokwesitatimende esikhishwe yile nkampani, isehlo sokuqala sibikwe e-O.R. Tambo International Airport (ORTIA) ngo-3.10 ntambama. Abasebenzi basesikhumulweni sezindiza babike ngomuntu owe kususa esitezi sesihlanu wayoshaya phansi. Abezimo eziphuthumayo namaphoyisa asebenza kule ndawo baphuthume kuye kodwa ngeshwa bafike esethule. Uhlonzwe njengoshonele khona lapho kanti imininingwane yakhe ibingakaqinisekiswa.
Kwesinye isehlo esenzeke eKing Shaka International Airport, kuthiwa umgibeli wendiza ushayeke phansi washona esendaweni yabafikayo ngezindiza. Lo mgibeli wesilisa utholelwe usizo lokuqala oluphuthumayo kodwa ngeshwa naye uthulele khona lapho.
Imbangela yokufa kwabo kayaziwa okwamanje kodwa amaphoyisa ayaphenya.