UMQEQESHI weDurban City, uSimo Dladla, uthi kumqoka ukugcina umgqigqo abaqale ngawo le sizini ikakhulukazi njengoba bezodlala umdlalo wesibili ekuhambeni kulandelana kule sizini ka-2024/2025 yeMotsepe Foundation Championship esanda kuqala.
ICity eguqise iKruger United ngo 2-1 ekuhambeni, KaNyamazane, ngoSepthemba 1, ibuyela ensimini ngomunye umdlalo wasekuhambeni ngemuva kwekhefu leFifa njengoba izobhekana neVenda FC, eThohoyandou Stadium, ngeSonto ngo-3 ntambama.
Emdlalweni wayo wokuvula isizini iCity ishaye iCasric Stars ngo 2-1 idlalela ekhaya, nosekuyinika amaphuzu ayisithupha emidlalweni emibili.
“Imidlalo emithathu yokuqala yesizini ibaluleke kakhulu, yingakho kubalulekile ukubuya namaphuzu kuyona. Njengoba sesinqobe imidlalo emibili yokuqala, lokho kusho ukuthi sekufanele siwunqobe nalo wesithathu, yize sikuqonda ukuthi akuzukuba ngumdlalo olula neze uma ubheka ukuthi iqembu esiyodlala nalo alikanqobi emidlalweni emibili.
Nokho, nathi sifuna ukuwunqoba lo mdlalo ukuze siqhubeke nomgqigqo wethu esiqale ngawo isizini, ngakho basithole (abeVenda) ngesikhathi esibi siwadinga ngempela amaphuzu. Khona angikaneliseki ngendlela esisadlale ngayo kule midlalo emibili esisayidlalile yize sikwazile ukuyinqoba,“ kusho uDladla.
lCity esebenzisa iChatsworth Stadium, eThekwini, njengenkundla yayo yasekhaya, kubhekwe lukhulu kuyona kule sizini kulandela ukushintsha kwayo igama nokufudukela eThekwini. Phambilini beyaziwa ngeMaritzburg United isazinze eMgungundlovu.
Elinye iqembu laKwaZulu-Natal elisayiqale kahle isizini, yiMilford FC, esayinqobe yomibili imidlalo yayo yokuqala kule sizini.
Izodlala neCape Town Spurs ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu, kusasa ngo-3 ntambama.
Imidlalo yeMotsepe Foundation Championship:
Kusasa - Ngo-3pm: Milford FC v Cape Town Spurs (Princess Magogo Stadium); Black Leopards v Casric Stars (Thohoyandou Stadium); Highbury v Orbit College (NMU Stadium); Kruger United v Pretoria Callies (Kanyamazane Stadium); Hungry Lions v Baroka FC (Suzuki Stadium).
NgeSonto - Ngo-3pm: Venda FC v Durban City (Thohoyandou Stadium); Pretoria University v JDR Stars (Tuks Stadium); Leruma United v Upington City (Lucas Moripe Stadium).