WALILE ukukhipha impendulo eqondile ngesikhathi ebuzwa ukuthi uzolungenela yini ukhetho lokuqhubeka esikhundleni sokuba ngumengameli weConfederation of African Football (Caf), uPatrice Motsepe.
UMotsepe waqokwa njengomengameli wesikhombisa wale nhlangano eyengamele ibhola e-Afrika, ngoMashi ka-2021, engqungqutheleni eyayiseRabat, eMorocco.
Waqokelwa kulesi sikhundla kulandela ukuhoxa kwabanye ababengenele, u-Augustin Senghor, Ahmed Yahya noJacques Anouma.
ICaf kulindeleke ukuthi ikhethe umengameli olandelayo ngonyaka ozayo kodwa uMotsepe akafunanga ukuphumela obala ngesikhathi ebuzwa yizintatheli ukuthi uyafisa yini ukuqhubeka eminye iminyaka emine.
Ubekhuluma esithangamini sabezindaba ebesiseNairobi, eKenya, izolo, lapho ebeyohlola khona ukuthi leli lizwe selikuphi namalungiselelo okusingatha i-African Nations Championship (CHAN) ngoFebhuwari, wonyaka ozayo, ne-Africa Cup of Nations ngo-2027.
IKenya izosingatha yomibili imiqhudelwano ngokubambisana namazwe angomakhelwane, i-Uganda neTanzania.
“Selokhu ngaqala kulesi sikhundla umsebenzi wami bekuwukufaka isandla ekuthuthukisweni nasekukhuleni kwebhola ezwenikazi i-Afrika, ngiphinde ngiqinisekise ukuthi kunabaholi abasezingeni lomhlaba abangathatha izintambo kimina,” usho kanje.
“Nginesiqiniseko sokuthi nginamaphini asezingeni eliphezulu nabantu abangangena khaxa ezikhundleni. Into engabalulekile kakhulu engqondweni yami ukuthi ngizoqhubeka yini noma cha. Sisebenze ngokubambisana ukuze sibe negalelo elikhulu ekwenzeni ibhola lase-Afrika libe sezingeni eliphezulu.”
UMotsepe ubuye waveza ukuthi kukhona abaxhasi abamlume indlebe bathi bazohoxa uma engaqhubeki nokuhola iCaf ngonyaka ozayo. Nokho, uthe labo baxhasi bakhombisa ukuthi abanalo iqiniso ngokuthuthukisa ibhola lase-Afrika.
“Kunabaxhasi abathe kimina uma ngingaqhubeki bazohoxa ekuxhaseni iCaf. Ngibatshele ukuthi uma uxhaso lwabo luncike kulokho kungcono uma bengaseseki. Ngithe mabayigcine imali yabo ngoba anginaso isiqiniseko sokuthi izinhloso zabo ngebhola lase-Afrika ziyafana yini nalezi enginazo,” kusho uMotsepe.
“Ngifuna ukuphetha ngokuthi ngiyethemba ngokuphelele ukuthi ibhola lase-Afrika lizokhula futhi liphumelele, akukhathali ukuthi ngingumengameli noma cha,” uphethe kanje.