AKASAYIZWA eyokudlalela iqembu lesizwe, iBafana Bafana, umgadli omqoka, uPercy Tau, okuvela ukuthi ucikwe wukugxekwa ngabalandeli ngesikhathi kuqhubeka umqhudelwano i-Africa Cup of Nations (Afcon) e-Ivory Coast ezinyangeni ezedlule.
UTau (29), oyibamba kwi-Al Ahly yase-Egypt, akenzanga njengoba bekulindelekile kwi-Afcon phezu kokuya kulo mqhudelwano ethwelwe ngeqoma ngabantu baseMzansi.
Uzakhele isigcwagcwa ngesikhathi ehluleka wukushaya phakathi iphenathi emdlalweni wokuvula iBafana ehlulwe kuwona yiMali ngo 2-0.
Abafana bakaHugo Broos bagcine beqede endaweni yesithathu kwi-Afcon, babuya nendondo yethusi emuva kokwehlula iDemocratic Republic of Congo (DRC).
Nakuba iNingizimu Afrika izigqaja ngokwenza kahle kweBafana kwi-Afcon 2023 futhi nabadlali bejabulela ukubuyisa isithunzi sezwe kodwa kuthiwa akaneme uTau.
Umthombo olwaziyo lo ludaba ongaphakathi kwiSouth African Football Association (Safa) udalule ukuthi usebatshelile asondelene nabo ukuthi ayehlanga kahle kuyena eyokugxekwa ngabalandeli, ikakhulukazi ezinkundleni zokuxhumana.
“UPercy usho besanda kubuya e-Ivory Coast ukuthi useyayeka ukudlalela iBafana ngoba abalandeli bayamgxeka. Uzomemezela ngokusemthethweni kodwa kukhona abamvimbayo ukuthi angathathi ngenhliziyo ngoba bonke abadlali bayagxekwa ebholeni.
“Ngokwakhe uthi usefuna ukugxila kwi-Al Ahly. Okwamanje kunabadlali abangabangani bakhe abasazama ukumbonisa mayelana nalesi sinqumo sakhe,” kusho umthombo.
UTau akekho eqenjini leBafana elidlala imidlalo yobungani e-Algeria njengoba kuyikhefu leFifa. UBroos utshele abezindaba ekuqaleni kwesonto ukuthi ukhulumile nalo mdlali ngesizathu esiholele ekutheni amshiye ngaphandle.
“UPercy ubephansi ngemuva kwe-Afcon. Ugxekwe kakhulu, bambulele ezinkundleni zokuxhumana futhi lokhu bekungenabo ubulungiswa.
“Emuva kwesonto ngimfonelile, sachitha imizuzu embalwa sikhuluma, ubaphatheke kabi ngokugxekwa kwakhe. Ngimtshelile ukuthi ‘ngeke ngikubize ngoba akusona isikhathi esihle manje.
“Uma udlala kweyobungani, kuzoqala futhi. Ngakho sizozama ukukuvimba lokho. Hlala eqenjini lakho, uphole emqondweni kulokhu okwenzekile emasontweni adlule. Sizokubiza futhi ngoJuni, konke kuzobe sekukhohlakele,”kusho uBroos.
Umthombo uqhube wathi: “Lokhu okushiwo ngumqeqeshi akukho. Naye uzama ukuthi kubekhona akushoyo njengoba kukhona abasazama ukumncenga uPercy. Kodwa impela akaphathekile kahle.”
UTau uqale ukudlalela iBafana eyintandokazi yabalandeli baseMzansi ngo-2015. Useyishayele amagoli angu-14 emidlalweni engu-39.
Ubeseqenjini leMamelodi Sundowns eliwine indebe yeCaf Champions League ngo-2016 ngaphansi komqeqeshi uPitso Mosimane obemqeqesha nakwi-Ahly.
Bekubhekwe lukhulu kuTau ngesikhathi ethengwa yiBrighton & Hove Albion yase-England ngo-2018 kodwa yagcina imbolekisa emaqenjini ahlukene.
Ubuye kuyona, wadlala imidlalo embalwa, wacela ukudedelwa. Ujoyine i-Ahly ngo-2021. UTau usewine nalezi zinkunzi zase-Afrika izindebe eziyisishiyagalombili.
Imizamo yokuthola imenenja kaTau, uMatsatsi Sefalafala, ayiphumelelanga kwazise akayiphendulanga imiyalezo athunyelelwe yona.