IGCAGCELE esokeni kumqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, kubhuntsha ngemizuzu yokugcina izingxoxo phakathi kwePolokwane City namaqembu asenhla nezwekazi i-Afrika ngokudayiselana, u-Oswin Appollis.
UBroos obethulela abezindaba isikwati sakhe sabangu-23 azobhekana ngaso neCongo-Brazzavile ekhaya nasekuhambeni emdlalweni ka-Group K weyokuhlungela i-Africa Cup of Nations (Afcon), ugonyuluke ngodaba luka-Appollis kulandela imibuzo ngalo mdlali.
IBafana izoqala neCongo eGqeberha ngoLwesihlanu ivale ngowasekuhambeni ngo-Okthoba 15.
Lo mqeqeshi waseBelgium odume ngokulibeka linjengoba linjalo iqiniso lakhe, uzwakalise injabulo ngokubhuntsha kwezingxoxo phakathi kwePolokwane neMS Algers yase-Algeria ne-Esperance de Tunis.
Ngesikhathi kuvuleke iwindi lokushintshana ngabadlali muva nje, u-Appollis obesematheni ubengafunwa ilama qembu asenhla ne-Afrika kuphela, kepha nathathwa njengamakhulu eNingizimu Afrika ahlanganisa iKaizer Chiefs, Mamelodi Sundowns ne-Orlando Pirates, abebalwa kwamnyonyobelayo.
“Ngesikhathi ngigcina ukumbona ngambonisa ngokuthi akangayi enhla nase-Afrika ngoba indlela yokuphila ihluke kakhulu kunale ayijwayele ngaphandle uma eyela imali,” kusho uBroos.
“Ngijabulile sengizwa ukuthi zigcine ngokubhuntsha izingxoxo phakathi kweqembu lakhe nawangaphandle abemfuna.
“Njengoba ehlalile kwiPolokwane kusho ukuthi uzoyidlala cishe yonke imidlalo okuyizindaba ezimnandi kimina lezo ngoba ulokhu eya ngokuya eba omunye wabadlali abamqoka kwiBafana.
“Kusengenzeka ahambe ngoJanuwari kodwa nakhona kungabangcono ahlale eNingizimu Afrika uma enesifiso sokushintsha iqembu ngoba eyasenhla ne-Afrika iyinkinga.
“Uma efuna ukwazi ukuthi kunjani akabuze kuKhanyisa (Mayo), namanje elisameqa ijezi ekhona. Omunye osengozini u-Elias (Mokwana) njengoba esadlale imizuzu engu-17 kusukela sigcina ukubonana,” kusho uBroos.
Lo mqeqeshi ukholelwa ekutheni iBafana ingazifaka kwi-Afcon ngokuyiwina yomibili imidlalo neCongo.
“Ngiyazi ngeke kube lula kodwa kungenzeka ngoba sibhekene neqembu elidlala njengathi hhayi elithembele ezikwepheni njenge-Uganda neSouth Sudan.
“Ngiyakholelwa ekutheni singayinqoba yomibili imidlalo neCongo okuzosinika ithuba elikahle lokuzama konke esikufisayo ngale emibili yeqoqo ezobe isasele,” kusho uBroos.