UMDLALI wasesiswini kwiKaizer Chiefs, uSiyethemba “Gqosha” Sithebe, uthi noma kungeyona into eke yamphathisa ngekhanda ukuhlala ebhentshini emidlalweni embalwa kodwa kuyamkhuthaza kakhulu kunakuqala ukuthola ithuba lokuphinde abe sesikimini esiqala imidlalo.
USithebe okuyisizini yakhe yokuqala egijima kwiChiefs ayijoyine ngaphambi kokuqala kwale sizini esuka kuMaZulu FC, uke wazithola ekhuhla ibhentshi emidlalweni emihlanu yeligi, omunye wawubuka nezihlwele, nowodwa weMTN 8 esebhentshini.
Kanti kulindeleke abe sesikimini esiqala umdlalo nasemdlalweni wanamuhla weDStv Premiership neLamontville Golden Arrows, ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane, ngo-3.30 ntambama.
Ephawula ngesimo sakhe uthe: “Empeleni akubanga yinto engiphathisa ngekhanda ukuhlala ebhentshini kweminye imidlalo yeligi ngoba ngiyazi ukuthi vele ebholeni uma ungadlali kahle umqeqeshi ukuhlalisa ebhentshini.
“Ukwehlelwa yifomu yinto eyenzeka kunanoma yimuphi umdlali ebholeni. Nokho okubalulekile ukuqhubeka nokusebenza ngokuzimisela nokuzinikela ejimini ungakufaki ekhanda ukuthi awudlali njalo ngoba ithuba lakhu lizovela,” kubeka uSithebe.
Uthe naye wenze njalo, waqhubeka nokusebenza kanzima nokuzinikeka ejimini, nokuthe lapho esephinde wathola ithuba futhi walibamba ngazo zombili futhi kuyamkhuthaza kakhulu kunakuqala.
“Okubalulekile manje ukusebenza ngokubambisana nozakwethu senze okusemandleni ukubeka iqembu endaweni enhle kwi-log, siqhubeke nokwenza kahle nakwiNedbank Cup, okuyisona sicoco esisenethuba lokusinqoba kule sizini.
Uqhube wathi lo mdlalo abayowudlala ne-Arrows ubaluleke kakhulu futhi akuwona neze umdlalo olula ikakhulukazi njengoba yabashaya emzuliswaneni wokuqala, ngakho bazolwela ukuyishaya.
“Kuzobaluleka kakhulu ukugcina lo mgqigqo esikuwona njengamanje kuyona yonke imidlalo ezayo esisazoyidlala, noma ngabe oweligi noma owomkhumulajezi,” kuqhuba uSithebe, ezakhe eziqhathwe neCasric Stars kwiLast 16 yeNedbank Cup.
Nokho lo mdlali wasesiswini ubukeka eya ngokuya ebuyelwa yifomu yakhe aziwa ngayo yokusebenzisa okomnyuzi enkabeni yenkundla.
Imidlalo yeDStv Premiership:
Namuhla:
Kaizer Chiefs v Golden Arrows (Peter Mokaba Stadium, 5.30pm);
Cape Town City v Swallows FC (Cape Town Stadium, 5.30pm)