UMGIJIMI odlondlobala ngesikhulu isivinini, uSboniso Sikhakhane, uthe iDurban International Marathon, ezomcacisela ngokukulungela kwakhe ukuyoyibamba kwiTotalsports Two Oceans Marathon asha amashushu ngayo.
KwiTwo Oceans Marathon yebanga lika-56km ezogijinywa ngo-Ephreli 16, eKapa, nyakenye uSikhakhane obegijima okokuqala, ulale endaweni yesithathu, kweyesibili kwaba uNkosikhona Mhlakwana, umhlanganiso wadliwa u-Edendale Belachew wase-Ethiopia.
USikhakhane (32), ungomunye wabagijimi baKwaZulu-Natal ababhekiwe kwiDurban International Marathon yebanga lika-42km ezogijinyelwa eThekwini ngoMashi 12.
Lona umjaho ozonikeza abagijimi baseNingizimu Afrika nabamanye amazwe ase-Afrika, ithuba lokwenza izikhathi ezizobasiza ekuzibekiseleni indawo kwiWorld Athletics Championships, ezoba zeHungary, ngo-Agasti.
Ngaphandle kokuba magange kukaSikhakhane ngokuzibekisela indawo kwiWorld Athletics Championships, kodwa inhloso yakhe enkulu njengamanje wukwenza ezibukwayo kwiTwo Oceans ngenyanga ezayo.
“Ngibheke lukhulu kwiTwo Oceans yakulo nyaka engizobe ngiyigijima okwesibili. Ngifundile emaphutheni ami engawenza kulo mjaho nyakenye, futhi enye into eyangishaya ukuthi ngangingawazi umzila okugijinywa kuwo njengoba kwakungokokuqala ngigijima kuwo.
Okunye okwaba yingqinamba emalungiselelweni ami angonyaka odlule alo mjaho, kwaba ngukulimala enganginakho nokwenza saba sincane isikhathi engaba naso sokuwulungiselela. Kanti kulo nyaka ngiwumqemane, akukho ukulimala engisenakho nengamanje.
Ngakho-ke iDurban International Marathon engiyoyigijima ngesonto elizayo yiyo ezongicacisela ngokukulungela kwami ukuyogijima kwiTwo Oceans ngo-Ephreli, njengoba nakuyo (iDurban International) ngizimisele ngokwenza kahle,” kusho uSikhakhane.
Kwenzeka lokhu nje, kuleli sonto bekwethulwa ngokusemthethweni iPrince Mangosuthu Ultra Marathon yebanga lika-52km ezogijinywa ngo-Ephreli 30 isukela eNquthu iphelele eDundee.
Emjahweni wanyakenye uSikhakhane ulale isibili, esezithendeni zikaNtsindiso Mphakathi odle umhlanganiso.
Ebuzwa uSikhakhane ngamathuba okugijima kwiPrince Mangosuthu nonyaka, uthe: “IPrince Mangosuthu umjaho wasekhaya kimi njengoba iDundee neNewcastle kuyizindawo ezisondelene.
Ngiyafisa impela ukuyigijima iPrince Mangosuthu yakulo nyaka, kodwa ngicabanga ukuthi kuzocaca ngemuva kweTwo Oceans ukuthi ngizokwazi yini ukuyigijima, nokuthi umzimba uzobe usangivumela yini.”