INKANTOLO eNkulu yaseThekwini igunyaze ukuthi baboshwe abesilisa ababili abangabanye babasolwa ecaleni lezibhelu zangoJulayi 2021.
Laba besilisa ababili okunguMnuz Jabulani Cele noMnuz Blessing Sibusiso Gwala yibona okugunyazwe ukuthi mababoshwe ngoba abazange balubhade enkantolo.
IJaji uSophia Steyn uyena othe ababoshwe laba ababili ngalesi senzo sabo.
Laba besilisa bangabanye babasolwa abangu-60 ababoshelwa icala lezibhelu. Kuvele nokuthi akasekho emhlabeni umsolwa ongunombolo 35 kuleli cala, uMnuz Fikile Majozi.
Lokhu kudalulwe nguMshushisi omkhulu uMnuz Mahen Naidu.
"Esandleni sami nginesitifiketi esiqinisekisayo ukuthi ngempela akasekho emhlabeni uMnuz Fikile Majozi.’’
UMbuso ukholwa wukuthi umnyombo walolu dlambedlu kwaba wukukhalelwa ngamasongo kaSigonyela kukalowo owabe engumengameli wezwe, uJacob Zuma.
Ukholwa ukuthi laba basolwa behluleka ukwamukela lokhu base besusa udlame.
Abasolwa abangu-12 ababenikezwe ilungelo lokuthola abameli bakahulumeni bakwazile ukuthi bakwenze lokho.
Kuhlalukile ukuthi kunabanye abayisihlanu abanqatsheliwe ukuthola abameli ngenxa yezizathu ezahlukene.
Phakathi kwabo kufaka ukuthi abazange banikezele ngemininingwane egcwele emayelana nabo. Okuqaphelekile ukuthi abasolwa bebebonakala bejabulile noma kubizwa amagama abo.
Umsolwa weshumi uMnuz Malibongwe Kubheka utshele inkantolo ukuthi ngeke esakhokha kodwa usezosebenzisa ummeli kahulumeni.
Leli cala seliqhubeke iminyaka emithathu. Njalo uma libuyela enkantolo kuye kugqame kakhulu izinkinga zokungaxhumani kahle phakathi kwabasolwa nabameli.
Ngaphambili kukhona abasolwa ababekhononda betshela iJaji Steyn ukuthi kunabameli ababakhokhelile kodwa abangalubhadi enkantolo.
Icala lihlehliselwe uDisemba 10.