BASABAMBE ongezansi abaculi abaningi bakamaskanda kuvela izindaba zokuthi kunomphathi wezinhlelo ohlale ehamba phambili emicimbini emikhulu yamaskandi, ozitika ngocansi namavukane asuke encenge ukuthi agiye nezinkunzi kule micimbi.
Kuvela ukuthi lo mkhuba uMC Mshazi uwugila komaskanda besilisa kuphela. Kuthiwa ubaqala ngokubangxingxa ngenyama nangotshwala bese ebabhudubeza ngabo-12 ebusuku. Kuthiwa ubala abaculi abadumile athi basizwe nguye.
Lishone elayizolo kuchwaza ezinkundleni zokuxhumana, le ndaba idingidwa iningi lifakaza. Yize abanye bengaphumeli obala kodwa uKhaza Mtolo waseBergville, ongumculi kamaskanda, uphumele esidlangalaleni kuTikTok wathi uMC Mshazi waKwaMaphumulo, wake wazama ukumdlwengula kodwa wasizwa ubunsizwa.
Omunye ophumele obala uLethu Mpungose othe uMC Mshazi wambizela lapho ehlala khona eJeppe Hostel eGoli, wafike wamthembisa ingxoxo emsakazweni womphakathi, wabe esethi akazolalela ngasendlini yakhe lapho afike wamgxingxa ngenyama nangotshwala ngaphambi kokuzama ukumdlwengula ebusuku.
Omunye uCall Back SA othe naye wahehwa ngotshwala kwaMtshali Tarven, eMnambithi ngaphambi kokufunwa ucansi phakathi kwamabili kodwa wasizwa ukuqamba amanga ethi ukhishwa yisisu.
Ithumba, ngalo mkhuba owenzeka kubaculi bakamskanda abasengamavukane, liqale ukuqhunyiswa ngumdidiyeli wezinsizwa zakwaNongoma, uPhakelumthakathi Ndabandaba, oveze ukuthi abaculi abaningi bakamaskanda bayizisulu zalo mkhuba okuthiwa udla lubi futhi baningi abahleli bemicimbi abakhonjwayo.
Abanye uze wabagagula ngamagama. Yize bona bethe babhecwa ngobende ekubeni inyama bengayithanga mbibi kodwa abanye basola uMC Mshazi.
Eziphendulela uMC Mshazi kwiBhanyazile TV, uvumile ukuthi useke wazizwa lezi zinsolo futhi wathi nakubo sebeke bamthinta ngazo. Uphike walala ngomhlane ukuthi uyalala nomaskandi besilisa. Uthe isono sakhe ukubacebisa ngezindlela ezingabenza badume.
Usole ukuthi labo maskandi abathi uyabalala noma ubezama ukubadlwengula bafuna udumo ngegama lakhe.
"Bona abashaye ingoma emnandi ukuze nabo badume."
Uthe izinsolo ziqhutshwa wumona wabantu abafuna ukucekela phansi igama aselakhe kanzima kusukela ngo-2011.
Eqhuba uMC Mshazi uthe unabaculi abadumile abagqamisile kule ndima kodwa ngeke esakwazi ukuveza amagama abo ngoba kuzothiwa nabo useke wabalala. Esephetha uthe amahlebezi amnikeza ugqozi nofuqufuqu lokuba aqhubeke nokusebenza ngokuzikhandla kulo msebenzi.