UMQEQESHI weMamelodi Sundowns, uManqoba “TV” Mngqithi, ubhubhudle iKaizer Chiefs ngo 4-0 kuma-quarterfinal eCarling Knockout, wayixwayisa ngobungozi bokuthembela ezinganeni ezincane yize eqonda ukuthi hleze siyamphoqa isimo uNasreddine Nabi, oqeqesha Amakhosi.
ISundowns izibekisele indawo kowandulela owamanqamu weCarling ngokubhudluza izimbangi zayo ngamagoli amabili, ka-Iqraam Reyners, elikaPeter Shalulile nelikaKhuliso Mudau, ngoMgqibelo ekhaya laMakhosi, eFNB Stadium.
Ngesikhathi uMngqithi ekhuluma nabezindaba ngemuva komdlalo, uveze abona kungase kube yinkinga kwiChiefs ngokuthembela oswebezaneni yize eqonda ukuthi mhlawumbe uNabi uphoqelekile.
Nakuba uMngqithi ebengafihli ukuthi usale engenelisekile ngesibalo samagoli ababhudluze ngaso iChiefs kodwa usebenzise ithuba wancoma iqophelo eliphezulu labadlali abancane beChiefs lapho ebalule khona uMduduzi Shabalala, Mfundo Vilakazi noWandile Duba.
“Ngizozama ukuyisho ngokucophelela le ndaba kodwa iqiniso elimsulwa ukuthi lisephezulu kakhulu iqophelo labadlali abakhushulelwe yiChiefs esikimini esikhulu besuka ezinkulisa,” kusho uMngqithi.
“Ngokwahlukana kwabo bangabadlali beqophelo eliphezulu kodwa esengimqaphele kakhulu uMdu (Shalabala), olokhu eya ngokuya eba omunye wabadlali ababalulekile.
“UDuba (Wandile) unomdlalo omuhle futhi ukwazi ukwenza okuningi okumqoka enkundleni. EkaMfundo (Vilakazi), ayidingi ukukhulunywa kakhulu ngoba sonke siyalazi ikhono aliphiwe uMdali,” kuqhuba uMngqithi.
Yize lo mqeqeshi ebencoma kodwa uxwayise uNabi ngobungozi bokunika laba badlali umsebenzi ongaphezulu kwemizimba yabo.
“Ingozi enkulu kunazo zonke ukuthatha iqembu elikhulukazi njengeChiefs ulibeke emahlombe omfana omncane.
“Bonke baphiwe ngokuhlukene ngokwethalente futhi bonke ngingakujabulela ukuba nabo eqenjini lami kodwa kunobungozi ukubathwesa okungaphezulu kokungamelwa imizimba yabo okusafanele ikhule,” kuqhuba uMngqithi.
“Angikho ekhempini yeChiefs ngakho-ke kufanele ngikhulume ngibuye nganeno ngezinqumo zayo kumbe engikucabangayo ngoba angikwazi okuyikhona okuphoqa uNabi ukuthi asebenzise laba badlali.
“Engingakusho ngabo ukuthi bawuhlobo oluphambili futhi bazoya kude ngoba sekucacile ukuthi banomqeqeshi ongayibheki iminyaka yabadlali,” kusho uMngqithi.