INTOKAZI yaseNquthu, uZandie Khumalo-Gumede iveze ukuthi kuyamcasula ukungaphenywa kowayeyinkosikazi kaSenzo Meyiwa, uMandisa Mkhize. UZandie umsola ngokuba nesandla ekuthumeleni izigebengu ezangena ekhaya kubo zadubula.
UZandie ukusho lokhu ekhuluma neSolezwe Ngempelasonto njengoba indaba yokudutshulwa kukaSenzo ngo-2014, eVoslorus isematheni ngenxa yokuthi bekuphela iminyaka ewu-10, kwenzeka lesi sigameko.
UZandie osanda kukhipha ingoma yakhe ethi Messiah, uveze ukuthi yize sekudlule iminyaka engaka yena kusamphethe kabi ukuthi kulokhu kubhekwe bona ekubeni kukhona nomunye wesifazane owayesempilweni kaSenzo.
“Mina namanje ngisamile ekutheni laba abangena ekhaya babengazile ukuzodubula uSenzo, kodwa uSenzo wadubuleka ngephutha. Umuntu owayefuneka efile uKelly. Ngiyamsola uMandisa, ngokwami ngifuna aphenywe ngoba wayengunkosikazi ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko. Ngifuna amaphoyisa athole ukuthi akathinteki yini kulesi sigameko. Akaphenywe naye njengoba kwenzeka kithi, yinto enjani ukuthi unkosikazi kamufi kuze kube manje akaze abizwe azobuzwa ngokushona kwakhe,” kusho uZandie.
Ebuzwa ukuthi akasabi yini ukuthi angaboshwa uMandisa ngokumyamanisa nokushona kukaSenzo, uZandie uthe angenza akuthandayo ngoba vele yena uyazi ukuthi base bengabhekani noSenzo ngesikhathi eshona.
“USenzo ukhetha ukungayi nje ephathini ayemenywe kuyo ngoba wayazi ukuthi uMandisa ukhona. Laba bantu bafika endlini ngoba bezobulala uKelly, wase edubuleka ngephutha uSenzo ngoba emvikela. Ngokwami ngiyafisa leli cala liphele manje sidlulele phambili nempilo,” kuchaza yena.
Uthe okunye ake akuxoxe noKelly ukuvela kwegama lakhe njengoba kuthiwa kukhona umsolwa ayexhumana naye ngocingo.
“Wayengeke uKelly afune kwenzeke isigameko esifana nalesi phambi kwezingane. Wayezozuzani uma kuthiwa uhlela into efana nalena?”
Uthe uyanxusa abantu bajabulele ingoma yakhe ephume ngo-Okthoba 18, nathi iyingoma abantu ezobadansisa njengoba kuyiwa esikhathini samaholidi kaKhisimusi.
UZandie uthe uxhaso aluthola kubalandeli bakhe uma ekhiphe umsebenzi omusha luyamthobisa ngenxa yokuthi yena ukhipha izingoma zokholo, maskandi, nezomdanso kodwa bazamukele ngendlela emangazayo.