ZIYAVEVA izinhlangano ezilwela abampofu emuva kokuthi uNgqongqoshe weMali, uMnuz Enoch Godongwana, ememezele ukuthi ngeke sivuselelwe isibonelelo sikaR370 sabangasebenzi ngonyaka ozayo.
UGodongwana uthe uR370 uzogcina ukungena kuma-akhawunti abantu ngoMashi wonyaka ozayo bese emuva kwalokho abangasebenzi bazoba yingxenye yezinhlelo zokubaxhumanisa namathuba omsebenzi. Ukuvula lawo mathuba omsebenzi kuzosetshenziswa uR370 abawutholayo.
UNkk Evashnee Naidu, ongumphathi weBlackSash KwaZulu-Natal, uthe bashaqekile ukubona ukuthi imali yezibonelelo zomphakathi yehlisiwe futhi ayikho ekaR370 obhekelele abangasebenzi.
Ukhale ngokuthi kufanele uhulumeni abonisane nezinhlangano ezilekelela abampofu nomphakathi wonkana ngoba baningi kakhulu abantu abampofu abalekelelwa wuR370 wabangasebenzi.
Ubalule ukuthi izinkinga ezibhekene nabangasebenzi zikhombisa ngokucacile ukuthi siyadingeka isibonelelo sabangasebenzi esizobasiza ukuphila kangcono esibizwa ngeBasic Income Grant.
Izolo uGodongwana utshele izintatheli ukuthi okwamanje iNingizimu Afrika ngeke ikwazi ukuba neBasic Income Grant ngoba ayikho imali.
UMnuz Dalli Weyers, we-Institute for Economic Justice (IEJ), uthe kuyimanje basenkantolo balwela ukuthi kunabantu abakhishwa ngaphandle esibonelelweni sabangasebenzi ngakho ukungatholakali kwaso kuyosho ukuthi u-8 million wabasiholayo uzobulawa yindlala.
“Asiqondi ukuthi uhulumeni uzolwa kanjani nendlala nobuphofu uma eqeda isibonelelo sabangasebenzi. Uhulumeni kufanele aqinisekise ukuthi ulekelela bonke abantu abaswele, kuyimanje siyalwa enkantolo ukuthi wonke umuntu ongasebenzi athole lesi sibonelelo sika-R370. Sifuna sinyuswe sibe yimali umuntu azokwazi ukuthenga ngayo igilosa,” kusho uWeyers.
Uthe bazoqhubeka nokulwa nokuthi uhulumeni afake imali ezobhekelela abampofu njengoba esemkhankasweni wokubopha izifociya.
Uzwakalise ukukhathazeka nangokuthi zonke izicelo zezibonelelo zikahulumeni sezizokwenziwa kumakhompyutha esho ukuthi akusiwo wonke umuntu one-internet neselula esezingeni lokuthatha izithombe ezidingeka uma ufake isicelo.
Uphethe ngokuthi uhulumeni uzobe ejezisa abampofu uma ebaphuca isibonelelo sabangasebenzi nezinye.