USELULAMELA ekhaya umshayisibhakela, uYanga “Showtime” Sigqibo, ophuthunyiswe esibhedlela emuva kwempi yakhe nompetha we-IBO Junior Bantamweight, uRicardo Malajika, ekupheleni kwesonto eledlule.
USigqibo wase-Eastern Cape ukhale ngaphansi ngomngqimuzo womlalisa phansi empini obekungeyosuku kwezeGolden Gloves Promotions eGauteng. Ubeqala ukwehlulwa ngomngqimuzo womlalisa phansi selokhu aqala isibhakela esikhokhelayo.
Emuva kwempi, iGolden Gloves ikhiphe isitatimende iveza ukuthi uSigqibo uqulekile endlini yokushintshela, waphuthunyiswa esibhedlela e-Arwyp Medical Care Hospital lapho okutholakale khona ukuthi unokopha ebuchosheni. Nokho kuvele ukuthi useyalulama futhi usephumile esibhedlela.
Umqeqeshi wakhe, uThembani “Best” Qopheni, uthe akukho okutheni okukhuphula amaphaphu okwenzeke kuSigqibo.
“Emuva kwempi ufike endlini yokushintshela wakhala ngekhanda futhi ethi akazizwa kahle. Akukho okubekukhombisa ukuthi unenkinga. Simphuthumise esibhedlela ngoba senzela ukungathathi izinto kancane. Kodwa useluleme manje, uphume esibhedlela ngeSonto. NgoMgqibelo ubesekulungele ukuya ekhaya kodwa odokotela bebefuna ukumbhekisisa,” kusho uQopheni.
Ukuvela kwezindaba zokuphuthunyiswa esibhedlela kukaSigqibo kwenyuse amaphaphu kwabaningi kwazise iNingizimu Afrika isilahlekelwe ngabashayisibakela abaningi ngenxa yokulimala eringini. Abanye bagcine bephoqeka ukusiyeka isibhakela ngenxa yokuba buthaka kwempilo emuva kokulimala. Umshayisibhakela wakamuva waseMzansi owavelelwa yilo mshophi nguLudumo “9mm” Lamati owalimala eBelfast, eNothern Ireland, ebhekene nompetha we-WBC Silver Bantamweight, uNick Ball. Lo mshayisibhakela kwaqinisekiswa ukuthi ngeke aphinde angene eringini.
“Ngosuku lwempi bekukhona udokotela oseqophelweni eliphezulu, u(Robert) Selepe weBoxing South Africa (BSA), esijwayele ukusebenza naye. Ubekhona kusukela uSigqibo ephuma eringini. Namanje akukho okusolisayo ngaye,” kusho uQopheni.