UMBHUKUDI waseNingizimu Afrika, uTatjana Schoenmaker, wemukelwe ngenhlokomo e-Olympic Village, eTokyo, eJapan, lapho iqembu laseNingizimu Afrika ligobise khona amadlangala kuma-Olympic Games.
Lokhu kudalwe wukuhlabana kwakhe ngendondo yegolide ngoLwesihlanu eqopha irekhodi elisha lomhlaba lika 2:18.95 ebangeni lika-200 metres, eTokyo Aquatics Centre.
Ngaphambi kokuhlabana ngegolide, uSchoenmaker ubenqobe indondo yesiliva ngasekuleni kwesonto ebangeni lika-100 metres.
Ukwamukelwa kwakhe ngozakwabo nabaqeqeshi akugcinanga lapho kodwa kulandelwe ngukuthola kwakhe ucingo oluqhamuka kuMengameli waseNingizimu Afrika, uCyril Ramaphosa, obeqale ngokumthumelela umlayezo wokumhalalisela ngeTwitter.
“Halala! Ngiyakuhalalisela. Uliphakamisile izwe. Ngiyakuhalalisela ngomsebenzi wakho omuhle owenzile. Ngenkathi ngiqala ukukubona emjahweni wakho wokuqala uzuza isiliva, ngivele ngabona ukuthi kukhona okukhulu osazokwenza,” kusho uRamaphosa kuSchoenmaker.
“Bengivele ngikwethemba, futhi ngiyabonga kakhulu ngokwenzile. Kuhle, futhi kuyancomeka kakhulu, okuyingakho ngibone kufanele ukuthi ngikushayele ucingo ngikuhalalisele ngokwenzele izwe.
“Siyakuhlonipha. Sithokoze kakhulu ngomsebenzi wakho. Wephule irekhodi lomhlaba.”
Le ntokazi eneminyaka engu-24 yasePitoli nayo ibe isizwakalisa ukubonga kwayo.
“Ngiyathokoza ukuthi ubungethemba, ukholelwa kimi. Ngiyabonga, kuyintokozo futhi ngizizwa ngibusisekile ukukhuluma nawe.”
URamaphosa uphinde wabonga nomqeqeshi kaSchoenmaker, uRocco Meiring.
Phakathi kwabanye abahalalisele uSchoenmaker, kubalwa uPenny Heyns owake wahlabana ngezindondo ezimbili kuma-Olympics, nokaputeni wamaSpringboks, uSiya Kolisi.