UMGADLI osanda kufika kwiKaizer Chiefs, uChristian Saile,uzakhele ugazi eshaya igoli lokuqala leqembu ngoLwesihlanu ebusuku, ngesikhathi beguqisa iMaritzburg United ngo 2-0, elinye livalelwe phakathi ngu-Ashley Du Preez, koweNedbank Cup Last 32 eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu.
Elesibili livalelwe phakathi ngu-Ashley Du Preez, ngesiwombe sesibili esikhathini esengezwe ngunompempe.
Empeleni bekufanele ziye ekhefini iChiefs ihamba phambili kulo mdlalo kodwa yehluleka yancama ukuthola igoli phezu kokuba iMaritzburg ibisidlala ingaphelele ngemva kokukhishwa ngekhadi elibomvu kukaTravis Graham ngomzuzu ka-38, ngesiwombe sokuqala ngenxa kokudlalisa kabi uMduduzi Shabalala.
Womabili amaqembu ahluleke ancama ukwenza into yamehlo kuzo zombili iziwombe, kwaze kwaphoqeleka ukuba uphele umdlalo ziye esikhathini esengeziwe.
Ngemuva kancane nje zibuye ekhefini ngesiwombe sokuqala esikhathini esengeziwe, iChiefs ikhombise ukucindezela kulo mdlalo yathola igoli ngomzuzu ka-92 elivalelwe nguSaile ngemva kwebhola ebelidlalwe nguShabalala.
IChiefs iqhubekile nokufaka ingcindezi, yalithola igoli ngesiwombe sesibili sesikhathi esengezwe ngunompempe kodwa uDu Preez ushaye elesibli ngomzuzu ka-113 ngemuva kwebhola ebelidlalwe nguHappy Mashiane.
USaile odabuka eDemocratic Republic of Congo (DRC), odlale umdlalo wakhe wesithathu edlubhe ijezi leziMpofana, uqhubekile nokukhombisa izimpawu zokuba ngumgadli ozoba yingozi kuleli qembu ngenxa yejubane lakhe nokukwazi ukuzibeka endaweni efanele ngesikhathi esifanele.
Empeleni Amakhosi akhombise ukuba yiqembu elingcono, uma kuqhathiswa neTeam of Choice ezame ukulwa phezu kokuba ibisihlehlela nyovana.
Amakhosi azobuyela ensimini ngokubhekana neLamontville Golden Arrows ngeSonto elizayo, ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane.
Kuthi iTeam of Choice esazikhotha amanxeba ibuyele enkundleni ngokutholana phezulu ngoLwesihlanu, e-Orlando Stadium, eSoweto.
Imiphumela yeNedbank Cup Last 32:
Cape Town Spurs 3-0 Baroka FC;
Maritzburg Utd 1-2Kaizer Chiefs