KUZIMUKA ikhanda kuJose Riveiro umqeqeshi we-Orlando Pirates, obalisa ngobunzima bokubhekana naMaZulu abaqhathwe nawo kuma-quarterfinal eNedbank Cup.
IPirates izotholana phezulu noSuthu emdlalweni ozoba eThekwini, yize inkundla nosuku okusazomenyezelwa. Ngesikhathi womabili amaqembu egcina ukugadulisana kowomkhumulajezi, iPirates yanqoba ngo 1-0 kowamanqamu weMTN8 eThekwini ngo-2022.
KoweDStv Premiership nyakenye, iPirates ixebule Usuthu ngo 4-0. Zibe sezibambana kwathula umoya ngo-Okthoba nyakenye koweligi ophele ngo 0-0.
URiveiro waseSpain, uthe kunzima ukudlala naMaZulu ngoba aphoqa amaqembu ukuthi adlale ngendlela angayijwayele. Wathi kumele baqhamuke neqhinga lokuphunyuka kulolu gibe olubekwa ngumkhaya wakhe uPablo Martin, oqeqesha AmaZulu.
“Kuzoba wumdlalo onzima. Kulesi sigaba somqhudelwano, alikho iqembu elilula. Sidlalile naMaZulu eThekwini, ayiqembu elihlelekile. Kunzima ukudlala kahle uma udlala nawo. Akekho odlala kahle uma edlala naMaZulu. Lokho kungenxa yomsebenzi awenzayo. Ngakho siyakwazi okuzayo futhi sizobe sikulungiselele,” kusho uRiveiro.
Uqhube wathi iTheku, liyikhaya kubona futhi kuhlala kuyinjabulo ukuyodlala khona. Kulindelwe ukuthi iPremier Soccer League (PSL) inqume inkundla okuzodlalelwa kuyona phakathi kweMoses Mabhida, neKing Zwelithini Stadium. Zombili izinkundla zingamakhaya Osuthu.
“Ukuya eThekwini kuhlala kuyizindaba ezimnandi kithina. Kufana nekhaya laphaya. Baningi abalandeli bePirates abajabule ngendlela eziqhathwe ngayo futhi abakulungele ukutheleka ngobuningi ukuzokwenza kube mnandi emdlalweni womkhumulajezi. Sizobheka umdlalo ngamunye, uma kufika isikhathi sizobe sicijile.”
IPirates isemkhankasweni wokuvikela indebe yeNedbank eyiwine nyakenye ngesikhathi yehlula iSekhukhune United, ePitoli. Kule sizini, eZimnyama sezivele ziwine indebe yeMTN8. Ziyaqala ngaMaZulu ukutomula iqembu lePremierhip kwiNedbank yale sizini. Kowe-Last 32 zidlule kwiCrystal Palace edlala kwi-ABC Motsepe League yaseMpumalanga, zalandelisa ngeHungry Lions eyibamba kwiMotsepe Foundation Championship kowe-Last 16.
“Yonke imidlalo yomkhumulajezi inzima. Yimizuzu engu-90 futhi kungenzeka okuningi emdlalweni. Ukungangenelwa yigoli, uthole ikhadi elibomvu, kungenzeka konke ngokushesha uma uzitshela ukuthi uzozihambela kalula. Akujwayelekile ukuba kanjalo.
“Okuhle ngathi wukuthi kuze kube yimanje wukuthi yonke imidlalo asiyithathi kancane, kusukela kubadlali kuya kwabasebenza eqenjini. Sizolungiselela umdlalo ngakho konke esinakho futhi yilokho esikudingayo. Siyazi ukuthi kuzoba nzima. Sidinga ukubekezela kulowo mdlalo, sithole umgqigqo ofanele wokudlala umdlalo wethu ngoba njengoba ngishilo, AmaZulu ayiqembu elikwaziyo ukwenza amaqembu adlale ngendlela ehlukile. Anabo abadlali bokwenza lokhu futhi nakulokhu ngeke kube khona okuhlukile,” kusho uRiveiro.