UMDLALI wasemuva kwi-Orlando Pirates, uBandile Shandu, ukholwa wukuthi ingcindezi yokuzuza izindebe iyohlale ikhona kubadlali baleli qembu njengoba kufana nosikompilo kubona ukulwela izindebe minyaka yonke.
UShandu obuye adlale esiswini, usho kanje ngemva kokuba ezakhe ziqhathwe neMagesi FC koweCarling Black Label Knockout.
IPirates esinqobe izindebe ezinhlanu kumasizini amathathu, ukubala nesanda kuyinqoba muva nje yeMTN8, kubhekwe ngabomvu ukuthi izokwazi yini ukuqhubeka nomgqigqo wayo emqhudelwaneni weCarling Knockout eyakhishwa kuwona kuma-quarterfinal yiRichards Bay ngesizini edlule.
“Ingcindezi yokulwela ukuwina izindebe iyohlala ikhona kithina badlali, okubaluleke kakhulu ukulwela ukufeza lowo mgomo esisuke sizibekele wona njengeqembu ekuqaleni kwesizini, singanaki umsindo ongaphandle sigxile kulokhu esisuke sizibophezele kukho.
I-Carling Knockout ngenye yezindebe esizimisele ngokuziwina kule sizini. Lapha kwiPirates sihlale silwela zonke izindebe ezidlalelwayo,” kusho uShandu.
Ngaphandle kokuqhathwa kwiCarling Knockout neMagesi engomakoti esigabeni seBetway Premiership, okunye okusanda kuthatha amehlo abathandi bebhola kuleli sonto ukuqhathwa kwalezi zingqungqulu zaseSoweto ne-Al Ahly yase-Egypt, kuGroup C kwiCaf Champions League.
“I-Champions League umqhudelwano webhola omkhulu e-Afrika, uma ubheka amaqembu esiqhathwe nawo eqoqweni lethu, kuyakutshela ukuthi kuzoba yimidlalo ehlabahlosile impela.
Nokho, njengamanje sigxile kulo mqhudelwano weCarling esisanda kuqhathwa kuwo, neminye imidlalo yeligi elandelayo esisazoyidlala maduze.”
Ngaphandle kwe-Al Ahly eyizingqungqulu ezingompetha abavikela isicoco seChampions League, eZimnyama ziqhathwe naneCR Belouizdad yase-Algeria, neStade d’Abidjan yase-Ivory Coast.
UShandu obuya ekulimaleni okumhlalise isikhathi eside engalithinti ibhola, uyayivuma inselelo yokulwela ijezi kuleli qembu eligqishe ngabadlali abasezingeni eliphezulu ezindaweni ezahlukene.
“Ukuncintisana ngokubanga ijezi yinto yakhona ebholeni, ikakhulukazi eqenjini elikhulu njengePirates.
Ngaso sonke isikhathi iqembu lihlale lisayina abadlali abasezingeni eliphezulu, ngakho kuyingxenye yokuba ngumdlali webhola elikhokhelayo ukudlala ngokuzimisela nokweseka ozakwethu abasuke bedlala ngaleso sikhathi elakho ithuba lokudlala lingakafiki.”