KUMSHAYISA ngovalo, uMorena Ramoreboli, weJwaneng FC ukubhekana ne-Orlando Pirates esigabeni sesibili seyokuhlungela ukungena kweyamaqoqo yeCaf Champions Legaue ngoba akangabazi ukuthi izofika ifuthelana.
IPirates eyaphoxwa iJwaneng yaseBotswana kusahlungwa kwi-Champions League ngesizini edlule, izophinda ibhekane naleli qembu laseSoweto esigabeni esifanayo sokuhlunga.
Yize umqeqeshi wePirates, uJose Riveiro, ethi abanagqubu naleli qembu eliphekwa uRamoreboli wakuleli kodwa indlela abekhuluma ngayo isizini edlule yonke ikhomba okuhlukile.
URiveiro ubengakufihli ukuthi ufuna ukulilungisa iphutha abalenze ngesizini edlule lokuthatha kancane iJwaneng, yase ibawashisa ijezi.
Iwini ka 4-0 ye-Pirates kwi-Disciples FC yase-Madagascar eqondane neyamaphenathi yeJwaneng kwi-African Stars yaseNamibia ngempelasonto edlule, kuphinde kwaqhatha la maqembu angomakhelwane ngokwamazwe kodwa ahluke kakhulu ngokwamazinga amaligi adlala kuwona.
URamoreboli owayeqeqesha iMaluti FET College eyabukisa ngePirates ngokuyiwashisa ijezi kwi-Last 32 yeNedbank Cup ngo-2013, utshele Isolezwe ukuthi umshayisa ngovalo lo mdlalo yize engeke akuveze kubadlali bakhe.
“Ngeke kwethuse kangako ukuthi umlando wami ne-Pirates uyenze ibe nolaka nakakhulu uma ibhekene neqembu eliphekwa imina,” kusho uRamoreboli.
“Lokhu ngiyakuqonda kodwa inkinga enginayo ukuthi abadlali bami bazokuqaphela yini ngaphandle kokuthi batshelwe imina.
“Angifuni abadlali bami babone sengathi ngiyayesaba iPirates kodwa ngaphakathi kimina ngikhulekela ukuthi nabo ibethuse ukuze bezoba manzonzo ngendlela efanayo.
“Ngiyakholelwa ekutheni singakuphinda esikwenze ngesizini edlule kodwa konke kulele ekutheni abadlali bawubuka kanjani lo mdlalo. Nakulokhu sizobeka inhlonipho phambili kwazise iPirates iyiqembu elikhulu.
“Imidlalo efana nale mihle ngoba ivula ithuba lokuzibeka ebalazweni njengoba esanda kwenza, uLetsile (Tebogo), ngokuba owokuqala wase-Afrika ukuwina igolide ku-200m kuma-Olympics abseFrance,” kuphetha uRamoreboli.
IMamelodi Sundowns engena esigabeni sesibili kwi-Champins League izobhekana neMbabane Swallows yase-Eswatini phakathi kukaSepthemba 13 kuya ku-15.
ISekhukhune United nayo engena kulesi sigaba izobhekana ne-C.D. Luanda yase-Angola, ngoSepthemba 13. IStellenbosch FC imelwe i-AS Vita Club yase-Democratic Republic of Congo (DRC).