IYAQAQAMBA inhliziyo kowayeyintandokazi yabalandeli beKaizer Chiefs, uPatrick “Ace” Mbuthu, ongayibonanga indodana yakhe igila izimanga emdlalweni wayo wokuqala esikimini esikhulu saMakhosi ngenxa yokuthi akasaboni kahle emehlweni.
Emasontweni amabili adlule, abantu baseMzansi bebengawuvali umlomo ngomdlali osemncane, uNkosana Mbuthu, ogile izimanga emdlalweni weToyota Cup obuphakathi kweChiefs neYoung Africans yaseTanzania.
Nakuba Amakhosi ekhale ngaphansi ngo 4-0 kwiYanga futhi uNkosana enze iphutha eliholele ekutheni iYanga ishaye elinye lamagoli kodwa abalandeli abawuvali umlomo ngekhono lakhe.
UNkosana, obedlala eqenjini leChiefs leDStv Diski Challenge ngesizini edlule, uyindodana kaMbuthu owadlala kwiChiefs phakathi kuka-1997 no-2003, wawina nayo indebe yeNelson Mandela Cup esibizwa nge-CAF Confederation Cup.
UMbuthu uyizwa ngendaba imisebenzi yendodana yakhe phezu kokuba ubekhona enkundleni eToyota Stadium ngesikhathi igila izimanga emdlalweni weYanga. Kodwa akakubonanga konke lokho ngenxa yokuthi useneminyaka enenkinga yamehlo. Le nkinga iholele ekutheni agcine esehlinzwa. Ngenxa yalokho, uMbuthu akayisaboni into ekude. Inkinga kaMbuthu isiholele ekutheni kusungulwe isikhwama sokumlekelela ngezindleko zokwelashwa esibizwa ngePatrick “Ace” Mbuthu Foundation.
Usihlalo walesi sikhwama, uMpiliso Nzwana, ukuqinisekisile ukuthi basemkhankasweni wokumsiza uMbuthu.
“UMbuthu ubekhona enkundleni ngesikhathi kudlala iChiefs neYoung Africans. Besihlezi nezinye izinkakha zeChiefs, zamtshela ukuthi indodana yakhe izowuqala umdlalo. Ushilo ukuthi kubuhlungu kakhulu kuyena ukuthi akakwazi ukubuka ingane yakhe idlala okokuqala esikimini esikhulu. Kodwa uthe unethemba lokuthi uzoyibuka ngelinye ilanga. Ubetshelwa yithina ukuthi wenzani umfana wakhe,” kusho uNzwana.
“Sizama ngakho konke okusemandleni ukumsiza ukuthi ilunge inkinga yakhe yamehlo. Ukhona udokotela oseqophelweni eliphezulu omelaphayo kodwa sizama ukuqoqa imali ukuze athole nomunye ongaba nombono ohlukile. Okwamanje udokotela omsizayo usemhambe iminyaka emine. Inkinga eyenzeka wukuthi kwaba nezinkinga ngesikhathi ehlinzwa iso lakhe lakwesokunxele, lagcina selopha. Manje sekuphele amasonto ayisithupha elokhu eyojova. Ukhona omunye udokotela esesisebenza naye ukuze asisize njengoba siqala umkhankaso wokumtholela usizo.”
Emasontweni adlule, abahleli bomdlalo wezinkakha zaseNingizimu Afrika nezaseBotswana, iClash of The Legends, inikelele uMbuthu ngesheke lika-R20 000 ngenhloso yokumsiza ngezindleko zokwelashwa kwakhe.
Umngani omkhulu kaMbuthu ayedlala naye kwiChiefs, uJabu Mahlangu, uvumile ukuthi lo mdlali unenkinga. UMahlangu ubeseqenjini lezinkakha elidlale eBotswana. Leli qembu belithakwe ngabadlali okukhona kubona uSiphiwe Tshabalala, Matthew Booth, Teko Modise nabanye.
“Isimo sakhe asisihle. Ngiyazi ukuthi kunemali edluliselwe kuyena ngemuva komdlalo wethu eBotswana ngenhloso yokumlekelela,” kusho uMahlangu.
UNzwana uveze ukuthi ngaphandle komkhankaso wokuqoqela uMbuthu imali yokwelashwa, bahlela ukuthi yena enze ama-Coaching Clinics ukuze athole imali yokuziphilisa.