UMQEQESHI omusha weKaizer Chiefs, uNasreddine Nabi, ‘uthintwe’ yindlala yezindebe eNaturena nomlando weqembu ukuze avume ukuzothatha lo msebenzi eNingizimu Afrika.
UNabi waseTunisia ubekhuluma okokuqala nabezindaba baseMzansi eNaturena izolo kulandela ukuqashwa kwakhe emasontweni adlule. Ubonane nabadlali okokuqala ekhempini ebiseTunisia. Lo mqeqeshi unengcindezi yokuletha ukumamatheka ebusweni babalandeli beChiefs eyagcina ukuwina indebe ngo-2015 isaqeqeshwa nguStuart Baxter. Ngesizini edlule abalandeli baMakhosi bakhombise ukuphelelwa yisineke ngokushaya abaqeqeshi emidlalweni ehlukene.
UNabi uthe indlala yeminyaka yeChiefs ngenye yezinto eziholele ekutheni avume ukuzoyiqeqesha. Amakhosi ayemfuna uNabi ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2023/2024 kodwa waqoka ukuyoqeqesha i-AS FAR Rabat yaseMorocco.
“Indawo iqembu elifanele ukuba kuyona nalapho eselike labakhona nobukhulu balo, ikakhulukazi njengoba sekuphele isikhathi eside lingawini izindebe, yikhona okungenze ngeza lapha. Ngizinika inselelo mina kuqala yokuthi ngidinga ukuphindisela iqembu lapho elifanele ukuba khona,” kusho uNabi obesebenzisa utolika.
“Ngibonga umnikazi weqembu, uKaizer Motaung, Jessica, Kemiso, Bobby noJunior (Motaung) ngokungamukela ngezandla ezifudumele. Ngithanda ukubonga bonke abalandeli beKaizer Chiefs ngokungamukela kahle ngesikhathi ngifika esikhumulweni sezindiza. Ngizokwenza konke okusemandleni ukuthi ngale mfundumalo ngibabonge ngesizini enhle.”
Ngesikhathi iChiefs iseTurkey, abadlali bakuvezile ukuthi izinto zishintshile ngaphansi kukaNabi nethimba lakhe. Amakhosi abuye engahlulwanga emidlalweni yobungani ayidlalile yokuzicijela ukuqala kwesizini entsha ka-2024/2025.
“Ikhempu eTurkey ibe yimpumelelo. Bekubalulekile futhi ukuphuma eGoli, sisuke kwingcindezi ikakhulukazi emuva kwesiphetho esinzima sesizini edlule. Bekubalulekile futhi ethimbeni lethu namasiko ahlukene ukuthi kube nokuxhumana, sazane nabadlali futhi sibe nesikhathi ndawonye. Sidlale imidlalo embalwa namaqembu ambalwa eTurkey. Imidlalo ibingelula, akukafiki kulokhu esikulindele kodwa ngokuqhubeka kwesikhathi kule nyanga kuzoba ngcono. Kuzofinyelela lapho engifuna khona,” kusho uNabi.
Amaqhinga kaNabi azovivinywa okokuqala uma iChiefs isibhekene neYoung Africans SC yaseTanzania emdlalweni weToyota Cup ozoba seToyota Free State Stadium eBlomfontein namuhla ngo-3 ntambama. Kuzohlangana imihlathi eyazanayo kuNabi nabeYanga ayiwinisa izindebe ezintathu ngesizini ka-2022/2023.
“Ngijabule kakhulu ngesikhathi ngibona ukuthi kuza iqembu elikhulu kulo mqhudelwano. Okunye okungijabulise kakhulu wukubona abadlali bami bakudala, izisebenzi zasehhovisi zeYanga. IYoung Africans yiqembu elikhulu e-Africa, ishaye into ecokeme ngesizini edlule futhi yenza kahle e-Afrika nakwiligi. Sizobheka emdlalweni sibone okufanele sikubhekisise. Sizozimisela kulo mdlalo,” kusho uNabi.
Umdlalo weChiefs neYanga uzobhulelwa amazolo ngowezinkakha zaMakhosi nezeBloemfontein Celtic ngo-12 emini. Isikimu seChiefs sithakwe ngezinsephe okukhona kuzona uCyril Nzama, Brian Baloyi noDoctor Khumalo.