KUYAPHELA ngezinombolo ozifonela uma udinga usizo oluphuthumayo kuleli okuyi-10111, 10177 kanjalo no-107.
Lezi zinombolo zifonelwa uma udinga usizo lwamaphoyisa, udinga usizo lwama-ambulensi kanjalo nolunye usizo.
IKhabhinethi isigunyaze ukuthi lokhu kukhishelwe umphakathi ukuze uphawule ngokuvalwa kwaezinombolo.
Inhloso ngukuthi kube nenombolo eyodwa ezosetshenziswa abantu bakuleli uma benezinkinga.
Esithangamini sakamuva emuva komhlangano weKhabhinethi, uNgqongqoshe ehhovisi likamengameli, uNksz Khumbudzo Ntshavheni, uthe umphakathi uzonikwa ithuba lokuthi uphawule ngokuvalwa kwalezi zinombolo.
Uthe inhloso kahulumeni ngukuthi kube nenombolo eyodwa, okuzobalula ukuthi abantu bayikhumbule.
Inombolo entsha ezosetshenziswa ithi: 112.
“Kubanzima ukukhumbula izinombolo eziningi uma ufuna usizo lwamaphoyisa noma usizo lwezempilo. Yingakho kumele kube nenombolo eyodwa ezoba mfishane okuzobalula ukuyikhumbula,” kusho uNksz Ntshavheni.
Sekuke kwabakhona izikhalo ngenombolo yokucela usizo emaphoyiseni i-10111.
EPhalamende amalungu ekomiti lamaPhoyisa ake akhala ngokuthi le nombolo ayisheshi ukuphendulwa.
Kwesinye isikhathi kuthiwa le nombolo imane ivaleke esikhaleni ofuna usizo engazelele.
Okunye okukhalwe ngakho yindaba yokushoda kwabasebenzi lapho kufonelwa khona, okwenza izingcingo zingabanjwa ngesikhathi.
Ngesikhathi uMnuz Bheki Cele esengungqongqoshe wamaphoyisa, waveza ukuthi kusuka onyakeni wezimali u-2018/2019, zibalelwa ku-14.9 million kwezingu-56.99 million, izingcingo ezingaphendulwanga ezazifonela i-10111.
Waveza nokuthi lesi sikhungo kumele ngabe sinabasebenzi ababalelwa ku-3 344 kodwa sinababalelwa ku-1 315.
Ukunqanyulwa kwesabelomali seminyango ehlukene kuleli kube nomthelela ekutheni ezinye izikhala zingavalwa eminyangweni ehlukene.
Ngokwamaphoyisa le nombolo isetshenziselwa ukubika amacala aphuthumayo.
Isebenza amahora angu-24, kanti ifonelwa mahhala uma usebenzisa i-landline. Uma usebenzisa iselula kudla imali ejwayelekile. Zonke izingcingo ziyaqoshwa.
Kuhlale kunxuswa umphakathi ukuthi ungadlaleli kule nombolo ngokubika amacala angekho.