UKUNGAQASHWA emicimbini yize ebewundabamlonyeni ebantwini ngengoma ayishaya no-Aymos ethi Izenzo, kucishe kwenza washiya umculo umculi wama-piano uBassie.
Le ntokazi yodumo lwengoma yango-2021 ethi Ngiyazifela, idalule lokho ikhuluma neSolezwe, njengoba isematheni futhi kulezi zinsuku ngengoma yayo eshisa izikhotha iKwelanga 2.0.
“Ingilimaze kakhulu emqondweni le nto yokushaywa indiva emicimbini eminingi ekubeni ingoma yami idlalwe zinkalo zonke ngonyaka odlule, kangangokuthi ngicishe ngawuyeka umculo, sengibona sengathi angenzi ngokwanele,” kusho uBassie.
Eqhuba, uthe le ngoma ethi Kwelanga 2.0, ayishaya noM-Touch, Ranger, Amaza, Tman Xpress noLeeMckrazy, imfikele ebhekene naleyo nkinga, edlulisa ukuthi ubezizwa kanjani ekuleso simo.
“Nokho kubuyisa ithemba ukubona abantu beyithokozela kanje le ngoma, futhi sekuza kahle emicimbini njengoba kwanda abantu abangiqashayo ukunandisa, okuyiyona ndlela esenza ngayo imali thina maciko, yingakho nami ngathikamezeka kakhulu uma ngibona sengathi umculo wami awungisizi ngalutho,” kusho yena.
UBassie (24) waseBoksburg, eGoli, igama lakhe lokuzalwa wuBasetsana Maluleke.Udalule nokuthi useqedile ngomculo azowudidiyela kwi-albhamu yakhe yesibili, usebanjwe yizinto ezincane ngaphambi kokuba aqhubeke nokujabulisa abalandeli bakhe.
“Sengibanjwe wukuthi angikawatholi amaciko engifuna ukuwapika kuyona, engicabanga ukuthi kuzothi uma kushesha, ngivale ngayo lo nyaka, noma ngivule ngayo unyaka ozayo. Angifuni ukuzifakela ingcindezi, ngigcine ngikhipha umculo ozokwenza abantu bangabaze ikhono lami, ngifuna ukuqinisekisa ukuthi izinga liyenyuka njalo,” usho kanje.
Le ntokazi igqame kuma-piano ngo-2018, kanti iphimbo layo selike lezwakala ezingomeni zabaculi abehlukene okukhona kubona uKwesta, MFR Souls, Kelvin Momo nabanye abaningi.