NGENDLELA ezithemba ngayo intokazi, uZibusiso "Slander" Mpungose (15) yaKwaDlangezwa, eMpangeni, ifisa ukuthi ingabe isabuya e-Italy, lapho iyodlala khona umqhudelwano wamazwe wezikole.
UZibusiso obezwakala ezethemba, utshele Isolezwe eseLignano, e-Italy, ukuthi konke kuhamba kahle. Uthole ithuba eliyingqayizivele lokuba ngabanye babadlali, abaseqenjini leSouthern Cape Sport Tours elifulathele elakuleli emasontweni amabili edlule lilibhekise e-Italy.
Lizodlala eMilan, Venice, Verona eLignano. Ezinsukwini ezimbalwa ezizayo lizodlulela e-USA. Bazobuya kuleli ngoSepthemba 30.
Le midlalo iqale ngempelasonto edlule.
UZibusiso utshele Isolezwe ese-Italy, ukuthi abahleli bale midlalo ikhono lakhe balibone emqhudelwaneni obuseCape Town.
Lo mfundi wasesikoleni iMpangeni High, utholwe yiCape Sport Tours, eCape Town, ohambweni obekudlala kulo isikole sakhe.
Ukuheha iso labaqeqeshi kwenze ukuthi emasontweni edlule, isifunda esingaphansi kweKing Citshwayo, simvalelise ngokusemthethweni emcimbini obewubukhazikhazi. Bewuhanjelwe nawumhlonishwa uSikhumbuzo Dlamini, iMeya yasesifundeni iKing Cetshwayo.
UZibusiso uveze ukuthi uzokwenza konke okusemandleni njengoba bexhaswe ngalolu hambo.
Uveze ukuthi ukuqonda kahle kamhlophe ukuthi uthole ingqayizivele yethuba okumele ayihloniphe, wathi usamangele ngaleli thuba alitholile kwazise akanaqembu alidlalelayo.
"Ngibonga kakhulu kwabeCape Spots Tours ngokusinika leli thuba. Ibhola ngiliqale eminyakeni edlule. Abantu bebehlale bebabaza ikhono lami. Bengihlale ngibaphikisa kwaze kwaba ngithola ithuba. Isifiso sami ukuthi ngithole iqembu phesheya kwezilwandle. Ngizoqhubeka nokuzimisela," kubeka uZibusiso.
Uqhube wathi: "Noma kuthiwa angilitholanga iqembu lapha kodwa esinye isifiso sami ukudlala eqenjini eliyibamba emazingeni aphezulu ebholeni laseNingizimu Afrika ikakhulukazi engxenyeni yabesifazane. Ngifisa nokudlala kwiBanyana Banyana."
Unina kaZibusiso, uSibongile Mpungose, ujobelele emazwini endodakazi yakhe, wathi akangabazi ukuthi izoliphakamisa igama laseNingizimu Afrika, eMelika nase-Europe.