Ugwetshwe udilikajele ngecala lokuzama ukubulala nokudlwengula owayeyisosha ongamtshelanga ayethandana naye ukuthi uphila negciwane lengculaza agcina emthelela ngalo.
ULeon Santos Conga ugwetshwe eNkantolo yeMantshi ePitoli eyamthola enecala ngoJuni.
Umgilwa, u-Antoinette Ndishishi, obemelwe wuphiko lwezokushushisa lwe-AfriForum wabika lolu daba kulo ngo-2018.
I-AfriForum yaphoqa iSouth African National Defence Force (SANDF) ukuthi ikhiphe umlando wezempilo kaConga owaveza ukuthi wayazi ngokuthi unegciwane kusuka ngo-2007.
Ithe ukunqaba kweSANDF ukuthi ikhiphe umlando kaConga kwenza ukuthi uphiko lwezokushushisa umphakathi, iNational Prosecuting Authority (NPA), iluhoxise kabili udaba enkantolo.
Esitatimendeni, i-AfriForum yathi imantshi yathola uConga enecala lokudlwengula ngoba uNdishishi wavuma ukuthi baye ocansini ngoba azi ukuthi akanalo igciwane. Ithe inkantolo ibamukele ubufakazi bukaNdishishi bokuthi ukuba uConga wasidalula isimo sakhe, wayengeke avume ukuthi balale njengoba lezi zithandani zakhuluma ngalolu daba kodwa uConga wayigodla imininingwane.
UConga watholwa enecala lokuzama ukubulala ngoba wathelela uNdishishi ngegciwane azi ukuthi unalo futhi wangamtshela.
UNdishishi ubonge i-AfriForum, wathi ngaphambi kwayo ubesekwa wunina kuphela.