UBANIKE izeluleko abadlali abasha kwiKaizer Chiefs, uGiven Msimango, ebalula ubumqoka bokugwema ukungena ogibeni lwalokhu okuchazwa njengokusindwa ijezi laleli qembu.
UMsimango ofike ngesizini edlule esukwa kwiTS Galaxy, ongomunye wabaholi kwiChiefs njengoba enokunikezwa ibhande likakaputeni.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nabezindaba izolo, eNaturena, lapho leli qembu belenza khona amalungiselelo okuqala kwesizini entsha ye-Betway Premiership.
IChiefs izoqala eyeligi ekuhambeni neMarumo Gallants ngoMgqibelo ngo-5.30 ntambama, eToyota Stadium, eBloemfontein.
Kusukela kuphele isizini edlule Amakhosi aqede kuyona endaweni yeshumi, awagcinanga ngokuqinisa ethimbeni labaqeqeshi ngokuqasha uNasreddine Nabi kepha nakubadlali enze okufanayo.
UNabi waseTunisia, ufike nethimba lakhe ngaphambi kokuthi iChiefs isayinise, uBongani Sam, Rushwin Dortley, Gaston Sirino, Fiacre Ntwari (unozinti), Miguel Inacio, Bradley Cross noNjabulo Blom obolekwe kwiSt Loius City yase-United States of America (USA).
Ngokukubona kukaMsimango, bonke laba badlali baseqophelweni eliphezulu futhi bazokuba usizo kwiChiefs.
“Okusemqoka nokufanele bakukhumbule njalo ukuthi abasengi ezimithiyo abathi iChiefs iqembu elithathwa njengelikhulu ebholeni lase-Afrika,” kusho uMsimango.
“Kusemqoka kubona bonke ukuthi bakukhumbule ngaso sonke isikhathi abebekwenza emaqenjini abo akudala nokuyikhona okuholele ekutheni iChiefs ibasondeze. Iseluleko sami kubona sithi bangalokothi bakuyeke lokhu okwenze Amakhosi achazeka ibona.
“Uma bezofika kwiChiefs bazishinsthe kulapho bezokuzwa khona-ke ukuthi kusuke kukhulunywa ngani uma kukhulunywa ngokusinda kwejezi leChiefs,” kuqhuba uMsimango.
Lesi sitobha asingabazi ukuthi unzima umdlalo abaqala ngawo ngoba, uDan “Dance” Malesela (oqeqesha iGallants), uhlale ebumba amaqembu okunzima ukudlala nawo.
“Sikwenze konke obekudingeka njengoba sibe nesikhathi eside kunesejwayelekile ukulungisela isizini entsha.
“Yebo, okuningi besikwenzela ekusitheleni kodwa umdlalo wethu neGallants iwona ozodwebela abalandeli isithombe ngesifuna ukuzuza kule sizini esiyiqalayo.
“IChiefs yenze kahle ngokuqinisa ibhentshi kuqala ngoba lokhu kwenze ukuthi ihleleke ngendlela egculisayo isizini ezoqala,” kusho uMsimango.