UMSWHIBI wakuleli, uNonkululeko Mhlaba, uhlose ukuqhubeka nokwenza kahle eqenjini lesizwe labesifazane lekhilikithi kwi-ICC Women’s T20 World Cup ebanjelwe e-United Arab Emirates, ukuze libuye nayo le ndebe.
UMlaba okhulele emalokishni aseThekwini, KwaMashu naseNtuzuma, uqokwe njengomdlali ovelele ngesikhathi amaProteas enqoba iWest Indies ngamawikhethi angu-10 emdlalweni wokuqala wamaqoqo ngoLwesihlanu. Uthathe amawikhethi amane, wadedela ama-run angu-29 kuma-over akhe amane.
IWest Indies ishaye ama-run angu-118 kuma-over ayo angu-20, isilahlekelwe amawikhethi ayisithupha. Iqembu lakuleli lifinyelele kuma-run angu-119 kwi-over ka-18 kungakaphumi noyedwa. Ukaputeni, u-Laura Wolvaardt, uthole ama-run angu-59 kwathi uzakwabo uTazmin Brits washaya angu-57.
UMlaba ukholelwa ekutheni imiphumela yokusebenza ngokuzikhandla ezinyangeni ezedlule isiyaqala ukubonakala futhi unethemba lokuthi uzohlala kuleli zinga.
“Ukumela izwe akukaze kube yinto elula, kusho lukhulu kimina. Ngiyazi ukuthi angidlaleli mina ngedwa, ngimele wonke umuntu osekhaya, umndeni wami nabangani. Kukhona nezingane ezincane ezibukela kimina elokishini,” kusho uMlaba.
“Sengizuze isipiliyoni esiningi ngoba sengidlale inqwaba yemidlalo kuleli zinga. Ngiyibuka kakhulu ikhilikithi, ngakho-ke kuningi engikufundayo kubadlali abasezingeni eliphezulu. Ngiyazethemba mina neqhaza okufanele ngilibambe eqenjini. Lisangishaya uvalo kancane kodwa sekuwuvalo oluhle ngoba ngisuke ngiyiqonda inselelo engizobhekana kodwa futhi ngisuke ngiyilungele.”
AmaProteas akuGroup B lapho esazobhekana ne-England, Bangladesh neScotland. Amaqembu amabili azophuma phambili kuleli qoqo azodlulela kweyandulela owamanqamu.
Kolandelayo elakuleli lizodudulana ne-England eSharjah Cricket Stadium namuhla ntambama ngo-4.
Kuzovuka amagqubu kwazise elakuleli layiwashisa ijezi i-England kowandulela owamanqamu emqhudelwaneni owawubanjelwa kuleli nyakenye.
I-England iguqise iBangladesh ngama-run angu-21 emdlalweni wayo wokuvula ngoMgqibelo.
“Kumele sizihlele kangcono enkundleni. Ngicabanga ukuthi besivulekile, ikakhulukazi ngesikhathi kubhetha u-Shemaine Campbelle. Bekungafanele simvumele adlale ngokukhululeka. Yilokho esingakushintsha kodwa ngijabule ngokunye.
“Sizele ukuzothatha isicoco. Sehluleke emidlalweni eyandulela owamanqamu amahlandla ambalwa, saphinde sehlulwa kowamanqamu. Sekufanele kucace ukuthi siyayinqoba le ndebe noma cha,” kusho uMlaba.