UXOSHWE engakanyuselwa umholo uJoey Antipas obecija AmaZulu. NgoLwesibili ibhantshi ligcwale umoya ku-Antipas nephini lakhe uPrince Matore.
U-Antipas ufike kuMaZulu ekuqaleni kwesizini edlule ngemuva kokugila izimanga kwiChicken Inn yaseZimbabwe ngesikhathi idlala kwiCaf Champions League.
KuMaZulu uhluleke wancama ukuwafaka kwi-Absa Premiership njengoba izikhulu zeqembu kudingeke ukuthi zithenge ilungelo leThanda Royal Zulu engompetha beNational First Division (NFD).
Indawo ka-Antipas ivalwe nguCavin Johnson owethulwe ngokusemthethweni ngoLwesihlanu eMoses Mabhida.
UQedi Dlamini oyimenenja yoSuthu uqinisekisile ukuthi u-Antipas ubengakanyuselwa iholo.
“Ngesikhathi kuqala isizini edlule umqeqeshi sambekela umbandela wokuthi inkontileka yakhe sizoyibuyekeza uma enyusele iqembu esigabeni esikhulu. Ngebhadi-ke akazange akwazi ukuzuza lokhu njengoba abaphathi bephoqeleke ukuthi bethenge ilungelo lokudlala esigabeni esikhulu. Besibheke ukuthi simnike inkontileka entsha uma sibona ukuthi wenza kahle emidlalweni yokuqala yeligi,” kusho uDlamini.
“Angicabangi ukuthi senza iphutha ngokungamxoshi ekupheleni kwesizini edlule. Iqembu like laba nesigamu lapho libhekane khona nezinkinga. Yingakho sithe asimnike ithuba ngoba kungenzeka ukuthi lezi zinkinga zibe nomthelela ekutheni iqembu lehlelwe yifomu phakathi nesizini. Yize singeke simehlulele ngemiphumela yemidlalo yokulungiselela isizini kodwa ngeke sikufihle ukuthi le miphumela ibiletha ingcindezi eyengeziwe. Ikhempu ebesinayo eMtubatuba iyona evele yasidweba sacaca isithombe sokuthi azikho izithelo ezinhle ngenqubekela phambili yeqembu. UCavin siqale ukuxoxa naye ngempelasonto,” kusho uDlamini.
Eziphendulela * -Antipas uthe: "Kungenzeka ukuthi abaphathi bathole intuba yokuthatha lesi sinqumo ngokuthi babeke izaba izinto ezenzeka ngayo ekhempini.
"Ikhempu ayihlelwanga yimina, ngatshelwa ukuthi zonke izinto sezihamba ngononina.
"Noma sekuhlangatshezwana nenkinga akekho umuntu owangitshela ngolunye uhlelo.
"Ngisola ukuthi izingxoxo phakathi kweqembu nemenenja yami ngokunyuselwa umholo njengoba iqembu selidlala kwiPremiership yikhona okungifakele isigcwagcwa.
"Abaphathi bebethi ngeke bayikhuphule imali ngoba iqembu lithenge ilungelo lokudlala kwiPremiership ekubeni imenenja yami ibifuna bangiholele ngendlela okuholelwa ngayo abaqeqeshi bePremiership."
Uveze ukuthi selokhu kwathengwa ilungelo leThanda (Royal Zulu FC) kube nokushintsha kwesimo kubantu abesebenzisana nabo nokwenze wafikelwa umqondo wokuthi kukhona okushaya amanzi.
Ekhuluma izolo esithangamini sabezindaba uJohnson ogcine eqeqesha iPlatinum Stars uzwakale eneme ngoRonnie Moroka. "URonnie sengimazi iminyaka engu-20. Ngimaze esadlala kwi-African Wanderers. Besihlale sinesifiso sokusebenza ndawo. Ngicabanga ukuthi leli yithuba.”