UNQOBILE Makhanya, ongomunye wabagwedli abenze kahle kwiMyLife Dusi Canoe Marathon ngonyaka odlule, uthe yize ebhekane nezinselelo ezinzima emalungiselelweni akhe omjaho wakulo nyaka kodwa uzoyibamba ishisa.
Umjaho waku lo nyaka okuyi-K1 (ukugwedla ngawedwa) uqala ngoLwesine eMsunduzi eMgungundlovu, usongwe ngoMgqibelo eMngeni, eThekwini.
UMakhanya (28) odabuka eMkhambathini, oqale ukugwedla ngo-2008 noseke wahlabana ezigabeni zamajuniya naku-Under 23 ngaphambi kokugwedla esigabeni esivulelekile, ulale isithathu kwiDusi Marathon yanyakenye egwedla nensephe uSbonelo Khwela.
Nokho uKhwela ukuqinisekisile kwiSolezwe ngeledlule ukuthi akezukulibamba iqhaza kwiDusi Marathon yakulo nyaka ngenxa yokuntula abaxhasi.
UMakhanya uthe ufunde lukhulu ngokugwedla nale nsephe.
“USbonelo kukhulu engikufunde kuye. Okumqoka kakhulu angifundise kona wukuthi uma into sengiqalile ukuyenza angigxile ngokuphelele kuyo ngokomqondo nangokomoya, ngiyenze ngothando nangenkuthalo,” kusho uMakhanya.
“Okunye wukubekezela, okuyinto ebaluleke kakhulu kulo mdlalo.”
Uthe ubezinikile isikhathi sokuziqeqesha ngokwanele ukulungiselela lo mjaho weDusi, kodwa izinto zangenzeka ngendlela abefisa ngayo.
“Ukuthola kwami umsebenzi ngo-Agasti okuyisona sikhathi sokuqala kwesizini yethu bagwedli yokuziqeqesha nokubamba iqhaza emijahweni ehlukene, kungincishe isikhathi esanele sokuziqeqesha,” kusho uMakhanya.
“Emizameni yami yokuzama ukubamba isikhathi, ngithenge imoto kodwa-ke ngeshwa ngabandakanyeka engozini ngoDisemba, yalimala kakhulu.
“Lokho kungiphazamise kakhulu emqondweni, ngaze ngacabanga ukuyeka ukuqhubeka nokuziqeqesha, kodwa ngoJanuwari ngivuke ngazithatha ngaqhubeka namalungiselelo.
“Naphezu kwalezi zinselelo engibhekane nazo ngaphambi kwalo mjaho, ngizimisele ngokuyibamba ishisa, yize kungeke kube lula ngenxa yokuthi amalungiselelo ami awahambanga ngendlela ebengifisa ngayo.”
Akekho umgwedli omnyama oseke wanqoba iK1.
Ngaphandle kuka-Andy Birkett osewaziwa ngokushaya amaphiko kulo mjaho, abanye abagwedli ababhekiwe kowakulo nyaka kubalwa uMsawenkosi Mtolo, Khumbulani Nzimande, Mpilo Zondi, David Evans, nensephe uMbanjwa elale isine nyakenye igwedla noMtolo.