UMHOLI wamaNazaretha, Inkosi uMduduzi "Unyazilwezulu" Shembe, ubalise ngokuphila kanzima ngenxa yobuthakathi obudla lubi eBuhleni.
UNyazi lukhulume kanje ngesikhathi luvala umhlangano waseJudiya, eMpangeni muva nje.
Lo mholi uthe ukuvika abathakathi kuleli bandla kuqale kusaphila uyisemkhulu, Inkosi uJohanes Galile ‘Inyangayezulu’ Shembe. Uthe uNyangayezulu wagcina ekhotheme ngoDisemba 19,1976 emuva kokudliswa yinkosazane ngetiye elalinobuthi.
Luthe akugcinanga lapho kodwa noyise Inkosi uVimbeni Mbusi ‘uThingolwenkosazane’ Shembe, owakhothama ngoMashi 2011, lwazanywa kaningi ngomuthi kodwa lwaphunyuka.
"Ubaba uhlupheke kakhulu. Ngiyazibona ukuthi ngiyahlupheka kodwa ubaba uhlupheke kakhulu."
Luthe kukhona abanye abafika nesipakupaku bethi bazolapha uThingo kanti bafuna ukulubulala.
"Ngoba ubaba wabuthwala ubunzima. Bafika nesipakupaku sinobuthi bethi bazosiza ubaba ekubeni ayeziphilela." Luthe bamtshela ukuthi kumele aphuze inkomishi egcwele, ngeyesibili uvuka qingqo.
"UShembe akanqabi lutho, uvele athi 'iNkosi ikubusise'. Wayeseyithatha lento eyibeka endlini. Bathe sebehambile laba bantu, sekuhwalele, wathi ake ayibone ukuthi yenza lento ebebeyisho. Wathi uma eyithela otshanini basha ngokuphazima kweso utshani obebuluhlaza. Basha baphela. Ekuseni abantu bokuqala ahlangana nabo yibo laba ababemlethele isipakupaku. Bezobheka ukuthi ulale kanjani. Kwathi uma kuhlangana amehlo kwathi abashayeke phansi."
UNyazilwezulu luthe inkosazane yahlangana namanye kwenziwa itiye okuyilo elakhothamisa uNyangayezulu.
Luthe uyisemkhulu wayibuza intombazane ukuthi ayidlulanga ndawo nokuthi aliphuze yini itiye, yathi inkosazane akaliphuze ngoba alinalutho.
"Ubabamkhulu waliphuza kathathu. Ngoba kwase kushaye isikhathi sokuthi ashintshe ibhantshi, waliphuza leli tiye. Yilapho aqala khona ukugula waze wahamba emhlabeni.
“Akasukanga eZayoni umuntu owafaka umuthi etiyeni. Wasuka phakathi kwethu. Ngoba uShembe uma esevukelwa, akavukelwa ngamaRoma. Akavukelwa ngamaWeseli, uvukelwa yithina."
Unxuse amaNazaretha ukuba aphume ezinganeni zakwaShembe, zibe zodwa ngoba uma ezijoyina azidlisa ushevu.
"Kukhona into engike ngayisho ukuthi umuntu, mhlazane efika lapha wayezokwenzani. Kufana nale mihlangano eyenzeka ebumnyameni. Umphumela wakhona ubumnyama."
UNyazi luthe lapho lumi khona ngeke lwasuswa ngumuntu ngisho kungalandwa imigxala.
"Mina-ke angifisanga ukuhlala kulesi sihlalo kodwa yisona isihlalo esafisa ngihlale phezu kwaso."
Luthe mahle amaphekula ahambile kunacashe phakathi kwabo.
Seluphetha uNyazi lunxuse amaNazaretha aze angalinge amukele abantu abahamba mhlazane lubekwa njengomholi waleli bandla futhi lathi nabancamela ukuhlala emakhaya bengabe besavunyelwa.