NAKUBA abadlali ababolekiswa yiMamelodi Sundowns bejwayele ukugcina bededeliwe kodwa umqeqeshi, uManqoba Mngqithi, uqinisekise ukuthi uSipho Mbule usenayo indawo eChloorkop.
UMbule, oyibamba enkabeni yenkundla, ubolekiswe yiSundowns kwiSekhukhune United ngosuku lokugcina lewindi lePSL lokubhalisa abadlali ngoLwesihlanu olwedlule. Kwenzeka lokhu nje, ubengomunye wabadlali abebesizwa ngendaba isikimu ngesizini edlule ngaphansi komqeqeshi uRhulani Mokwena.
Sekuyinto ejwayelekile kwiSundowns ukuthi abadlali ababolekisiwe bagcine bephelele kwamanye amaqembu. Kulaba badlali kukhona uNyiko Mobbie noGrant Margerman asebesayine ngokugcwele kwiSuperSport United.
“Ngicabanga ukuthi ukuhamba kukaMbule kumlungele umfana. Ngiyamthanda kakhulu. Kuningi asengasinika khona. Ngicabanga ukuthi kuzoba yinto enhle kuyena ukushintsha umoya futhi usenalo ithuba lokubuya azosisiza ngoba kuningi esidonsa kanzima kukhona njengesimo somzimba wakhe.
“Uma ungadlali uhlala usethubeni lokuzimuka, uhlaselwe nangezinye izinto. Uma usuthola ithuba lokudlala uyalimala ngenxa yesimo somzimba ngoba awudlali imidlalo eminingi ngendlela ofisa ngayo,” kusho uMngqithi.
“Kodwa ngiyambona ebuya kwiSundowns, ethola indawo yakhe esikimini. Ngicabanga ukuthi kuzomsiza (ukubolekiswa) uma engadlala njalo kwiSekhukhune. Sizohlomula kakhulu siyiqembu futhi naye uzosizakala ngoba ngikholwa wukuthi engasisiza ngasekugcineni, mhlawumbe aqhubeke ngoba ungumdlali webhola omuhle kakhulu.”
UMbule usayine kwiSundowns ngo-2022 esuka kwiSuperSport. Ngesizini edlule udlale imidlalo engu-16 ye-Betway Premiership. Enkabeni yenkundla kwiSekhukhune, uzobanga ijezi noSiphesihle Mkhize, Jammie Weber, Relebohile Mukhouane noThabang Monare obeyibamba kwi-Orlando Pirates. ISekhukhune eqeqeshwa nguKaitano Tembo, isanda kukhishwa esigabeni sesibili sokuhlungela ukungena kweyamaqoqo eCaf Confederation Cup .