UMQEQESHI weTwo For Joy FC, uThomas “TK” Khoza, uncoma ubukhali bomgadli, uSenzo “Mbhobho” Ndlovu, osesayine kuMaZulu FC adlala kwiDStv Premiership.
UNdlovu (28) waseMtshezi, ukhale wemuka nomklomelo wokuba umgadli ovelele emqhudelwaneni iKhabba Cup osongwe eMlaza ngempelasonto edlule. Uvalele enethini amagoli amane kulo mqhudelwano.
Ubedlala kwiTwo For Joy FC akhulele kuyona kwiKhabba Cup kodwa usemabhukwini eSinenkani FC edlala esigabeni seSafa ABC Motsepe League e-Eastern Cape. Ngesizini edlule uyishayele amagoli angu-23 emidlalweni engu-16 ayidlalile. Emuva kokushaya into ecokeme kwiKhabba Cup, uthathwe AmaZulu. Lezi zindaba ziqinisekiswe nayiqembu lakhe, iSinenkani ekhasini layo leFacebook. UNdlovu usayina kuMaZulu nje, ngomunye wabadlali abebebangwa ngamaqembu ahlukene kulo mqhudelwano okukhona kubona uSbani Mntungwa ohlwithwe yiRichards Bay FC.
UKhoza uthe bajabule ngokuthi omunye wabo usezodlala esigabeni esikhokhelayo.
“Kuyiphupho lanoma yimuphi umdlali ukuthi azithole edlalela iqembu elisesigabeni esikhokhelayo. Njengeqembu usibeke kwelikhulu ibalazwe ukuze abantu bazi ukuthi i-Two For Joy iyiqembu elikhona futhi nosihlalo weqembu uthokozile ngoba uNdlovu ngimazi emncane, ukhulele ezandleni zami,” kusho uKhoza.
Uqhube wathi ungumgadli onamava kakhulu njengoba esemaze iminyaka engu-15.
“Ukhaliphile futhi abagadli abanjengaye abandile kakhulu ngoba umsebenzi wabagadli ukushaya amagoli kodwa thina simsebenzisa ngezindlela eziningi. Uyaqhamuka eceleni, aqhamuke phakathi futhi uyakwazi ukushaya amagoli ngezinyawo zombili. Leli qembu liyafana nomndeni kuyena,” usho kanje.
KuMaZulu, uNdlovu uzobanga ijezi nabagadli abanesipiliyoni sokudlala kwiPrimiership okukhona kubona uSede Dion noVictor Letsoalo.
“Uwumgadli osheshayo futhi ipali uyalazi. Amagoli awashayayo nami angikaze ngiwabone eshaywa selokhu ngaqala ukubuka ibhola ngendlela abukhali ngayo. Uzolisiza kakhulu iqembu laMaZulu njengoba liyiqembu elikhulu elinabagadli elithembele kubona. UNdlovu uzoyiqeda inkinga yaMaZulu (yokushaywa kwamagoli) neyePSL yokuthi abagadlli bengasakwazi nokushaya amagoli angu-20 ngesizini. Uma nje ezonikwa ithuba, uzowaqhulula amagoli ngoba akamakeki kalula.”
Umxhumanisi waMaZulu nomphakathi, uPhilani Ndlela, wenqabile ukuphendula imibuzo ngokusayina kukaNdlovu, wathi le ndaba ayikhulunywe ngoJulayi.