UMDLALI wasesiswini kwiPlatinum City Rovers, u-Oupa "Ace" Manyisa, ukholwa wukuthi kufanele anikwe ithuba uThabo "Jomo" Rakhale ngoba unekhono elingangatshazwa ebholeni futhi neminyaka ayikamphiki kangako.
URakhale (32) owaziwawo ngokudlala ibhola elinomjiko nezitayela, uzakhele kwi-Orlando Pirates kumasizini ambalwa edlule ngaphambi kokuba adlale kwiChippa United.
Ngemuva kwamasizini amathathu egijima kwiChippa, uRakhale udlale isizini eyodwa kwiMarumo Gallants ngaphambi kokuya kwiSekhukhune United agcine ukubonakala kuyona ngesizini edlule, lapho adlale khona imidlalo eyisikhombisa kuphela, ngaphambi kokufakwa ohlwini lwabadlali abachithwayo.
Ngeledlule, kuvele ukuthi uRakhale uziqeqesha nePlatinum City Rovers edlala kwiMotsepe Foundation Championship, nokuqinisekiswe yimenenja yakhe uMandla Mthembu.
"Noma ngingeke ngazi ukuthi uzoziqeqesha isikhathi esingakanani nathi, nanokuthi uzosayiniswa noma cha kodwa engingakusho wukuthi ungumdlali onekhono elingangatshazwa ebholeni nengikholwa wukuthi amava omdlali onjengaye angalisiza kakhulu iqembu.
“Ngaphandle-ke nje kwalokho, neminyaka ayikamphiki kangako, kusekuningi asengakwenza ebholeni ngisho namasizini amahlanu usengawadlala," kusho uManyisa.
UManyisa naye ozakhele igama elihlikihla kuthule umoya esiswini sePirates eminyakeni edlule, uke wadlala naye uRakhale amasizini ambalwa ngaphambi kokuba ajoyine iMamelodi Sundowns okungamhambelanga kahle kuyona.
URakhale uvumbuka ekuzilolongeni neCity Rovers nje, akukapholi maseko owayeyintombi yakhe esiyisangoma, uGogo Maweni, eveze ukuthi nguyena "owaloya" lo mdlali ngenkathi esadlalela iPirates, nokwagcina ngokuthi adliwe yibhentshi agcine ngokuchithwa yileli qembu ngesizini ka-2017/2018 ajoyine iChippa.
Imenenja kaRakhale ikuvezile ngesonto eledlule ixoxa nomunye umthombo wezindaba ukuthi lo mdlali uke waba nezinkinga ezithile ezithinta yena qobo lwakhe ezinyangeni ezimbalwa ezedlule, yize engazange asho ukuthi hlobo luni lwezinkinga.