UZIBONA enenhlanhla engandele bani umdlali owazakhela igama kwi-Orlando Pirates, uNkanyiso "Pelembe" Zungu oshiye kwamanye amaqembu esolwa ngokungaziphathi kahle.
Eminyakeni edlule baningi abadlali bakuleli abanethalente abayeke ibhola bengakathandi ngenxa yokuphenduka umgodi onganukwanja okudalwe ukungaziphathi kahle kwabo.
Phakathi kwabo kukhona uJunior Khanye osevuke wazithintitha empilweni, Masibusane Zongo, Sipho Nunens, Lerato Chabangu, ukusho abambalwa.
Ngesonto eledlule iPretoria Callies eyibambe kwiMotsepe Foundation Championship, imemezele ukuthi seyisayinise uZungu obedlala kwiPlatinum City Rovers edliwe izembe.
UZungu (28) waseParkgate, eThekwini, ukuvumile kwiSolezwe ukuthi wukuziphatha kabi eminyakeni edlule okuholele azithole esedlala kulesi sigaba.
Ngo-2020 waze wanconywa uJomo Sono ngokudlala ingcwenga yebhola esiswini. Wathi ukuphasa kahle kwakhe kumkhumbuza u-Ernest Chirwali noRoger Feutumba ababedlala kwiMamelodi Sundowns.
Kumasizini edlule wahamba sekukubi kuMaZulu ekhala ngokuthi akawuhloniphi umsebenzi.
UZungu watakulwa iStellenbosch afika wadlala kahle kuyo. Ngesizini ka-2019/20 wajoyina iPirates aba kuyo namasizini amabili amahle. Ngenxa yokungalitholi ijezi ngokuhamba kwesikhathi eZimnyama zambolekisa kwiRichards Bay kwisizini ka-2022/23. Akazange ayiqede, kwavela imibiko yokuthi ubengaziphethe kahle. IPirates yaqoma ukumchitha nakuba inkontileka yakhe yayinombandela wokuvuselelwa ngesizini.
Ngesizini edlule uke wazama inhlanhla kuMaZulu nakwiRoyal AM. Akuzange kulunge.
UZungu uthe kunesikhathi lapho eke walahla khona ithemba. Ubonge wanconcoza kuMoses Maladi ongusihlalo weCallies ngokumnika elinye ithuba.
"UMaladi ube ubaba kumina. Uthe uyazi ukuthi wonke umuntu uyawenza amaphutha. Ngimthembisile ukuthi ngizoba indoda eqotho, ezonakekela umndeni wayo iphinde isize iqembu ukuthi lenyukele esigabeni esiphezulu. Ngiyazi nginayo inhlanhla. Nokho nayo iyakufulathela uma uqhubeka nokwenza amaphutha. Ngithi nginenhlanhla ngokudlala kwiMotsepe. Kukhona abangenayo eyokufinyelela khona," kubeka uZungu, eveza ukuthi akalilahlile ithemba ngokubuyela kwiBetway Premiership.
Uqhube wathi nakuba ewavuma amaphutha akhe kodwa kwesinye isikhathi ubeqanjelwa amanga.
Uthe uyakuqonda nokuthi ngamaphutha akhe aholele ekutheni azibone esedlala kwiMotsepe Foundation.
NgeSonto ezakhe zizobhekana weMilford koqala u-3.30 ntambama, eTUT Stadium.
“Ngidlalile koweKruger United. Uma ngiphinda ngilithola ithuba lokudlala ngizimisele ukwenza konke okusemandleni ukusiza iqembu njengendlela yokubonga usihlalo ngokunika elinye ithuba,” kusho uZungu.
Eminye imidlalo yeMotsepe Foundation:
Namuhla-Ngo-7.30 pm: Durban City v Highbury (Chatsworth).
Kusasa-Ngo-3 pm: JDR v Casric (Soshanguve Giant); Baroka v Kruger (Global); Venda v Leruma (Thohoyandou); Upington v Tuks (Mxolisi Dicky Jacobs).
NgeSonto-Ngo-3 pm: Orbit v Leopards (Olympia).
NgoMsombuluko-Ngo-3 pm: Spurs v Lions (Athlone).