UMQEQESHI weLamontville Golden Arrows, uSteve Komphela, usebenzise ukuphoxeka kwakhe esengumdlali ukuqinisa idolo umgadli we-Orlando Pirates, uTshefogatso Mabasa, okushaqeke abaningi esala ngaphandle kwiBafana Bafana.
UMabasa uhamba phambili ngokushaya amagoli kwiDStv Premiership kwazise useshaye angu-15. Usethubeni lokukhala emuke nomklomelo womdlali oshaye amagoli amaningi, iLesley Manyathela Golden Boot Award. Nokho iningi lizwakalise ukudumala ngokuthi ushiywe ngaphandle esikwatini somqeqeshi, uHugo Broos, okuzohlungwa kusona esizodlala imidlalo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba ngenyanga ezayo. IBafana izobhekana neNigeria ngoJuni 7 ekuhambeni neZimbabwe ngoJuni 11 ekhaya.
UKomphela, owanika uMabasa ithuba lokuqala lokudlala kwiPremiership esekwiBloemfontein Celtic, uthe lo mgadli kufanele abekezele. Laba basebenze ndawonye kwiMoroka Swallows esigabeni sokuqala sesizini ka-2023/2024.
“Ungumgadli omuhle kakhulu wokuzalwa futhi ungumuntu olungile. Mhlawumbe sekuseduzane athole ithuba (kwiBafana). Kufanele abekezele, athembe ukuthi izinto zizolunga. Baningi abadlali esibaziyo sonke abanganikwanga ithuba. Kodwa kufanele usebenze ngempela uma unikwa ithuba. Kufanele alibambe ngezandla zombili. Mhlawumbe uMdali umbhekile, uthi abakukhohlwe ngizokugqamisa kubuka bonke abantu. Ngakho kufanele alilungele lelo thuba. Kodwa-ke uzigqugquzela kanjani,” kusho uKomphela.
UKomphela uyabazi ubuhlungu bokusala ngaphandle kwiBafana ekubeni bonke abantu bebheke ukuthi uzongena esikwatini. Ngo-1996 esadlala eTurkey, wasala ngaphandle esikwatini esadlala umqhudelwano i-Africa Cup of Nations (Afcon) kuleli esagcina siyiwinile. Kwamphinda lokho kwesadlala koweNdebe yoMhlaba yokuqala eFrance ngo-1998. UKomphela wakuveza ukuthi lokhu kusahlezi enhliziyweni yakhe.
“Ngiwumpetha wokuphoxeka. Isiyalo engingasinika uMabasa ngoba kuyena akukapheli, kimina sekwaphela, wukuthi kufanele lokhu kuphoxeka kumgqugquzele ngoba kumlungiselela ukubuya kwakhe. Mina ngiyilo muntu enginguye namuhla, amandla akhiwe yikhona ukuqhuzuka. Ukuba abangishiyanga esikwatini esadlala kwi-Afcon ngabe ngiyatetema. Ukuba nganikwa ithuba lokuba seqenjini elazibekisela indawo eKorea-Japan ngo-2002 ngoba yimina ngedwa owashiywa sesilifakile iqembu, ngangizoba wumuntu ongabazi ubunzima,” kusho uKomphela.
“Ukuba ngangikubantu abanikwa ithuba lokuyofunda ukuqeqesha eGermany, ngabe ngenzisa okomuntu othola yonke into. Kodwa ngafunda into eyodwa ngakho konke lokho kuqhuzuka. Ungalindeli lutho, ngeke uphoxeke. UMabasa akagxile kulokhu akwenzayo, ashaye amagoli, angalindeli lutho. Noma yini okuzayo kuyibhonasi. Uma kukhona okulindele, wangakuthola uyaphoxeka. Uzibona kufanele ukuthole,” kusho uKomphela.