UKUNQOBA imidlalo eNdebeni yoMhlaba sekubanjwe umoya kukhombisa ukuthi iqembu liya ngokuya liqina ngokomqondo ngokusho komdlali weqembu lesizwe lekhilikithi labesilisa, uHeinrich Klaasen.
AmaProteas aguqise iBangladesh ngama-run amane emdlalweni wakamuva weNdebe yoMhlaba yeT20 obuseNassau County International Cricket Stadium ngoMsombuluko ebusuku, azibekisela indawo esigabeni sesibili samaqoqo.
Iqembu lakuleli liqhwakele kuPool D ngamaphuzu ayisithupha emidlalweni emithathu kulandela ukunqoba iSri Lanka, iNetherlands neBangladesh.
Okugqamile wukuthi yomithathu le midlalo liyinqobe lingaphansi kwengcindezi, nokuyinto ejwayele ukulihlula uma lidlala emiqhudelwaneni emikhulu.
Nakuba lingakabhekani nengcindezi yemidlalo yomkhumulajezi kodwa uKlaasen uthe kubaqinisa idolo asebekwenzile.
“Inhloso yethu bekuwukuyinqoba yomithathu imidlalo yethu yokuvula. Kusobala ukuthi ibe nzima kunalokho ebesikucabanga kodwa lokho kuzosiqinisa njengoba sibheke esigabeni esilandelayo salo mqhudelwano,” kusho uKlaasen, oshaye ama-run angu-46 bedla iBangladesh, waqokwa njengomdlali ovelele.
“Sikwazile ukumelana nengcindezi kule midlalo emithathu, lokho kufike nezifundo eziningi. Singakwazi ukubuyela emuva kule midlalo uma siphinde sibhekana nobunye ubunzima kulo mqhudelwano.”
Yomithathu imidlalo yamaqoqo amaProteas asayidlalile ibibanjelwe eNew York, e-USA kodwa iqembu likaRob Walter selizofudukela eWest Indies lapho lizodlala khona owokugcina wamaqoqo neNepal e-Arnos Vale Stadium, eKingston ngoMgqibelo ngo-1.30 ekuseni.
UKlaasen uthe nakuba belindele okuhlukile kule zinkundla kodwa ngeke bayishintshe kakhulu indlela abazodlala ngayo.
“Ngicabanga ukuthi uDavid usikhombisile emidlalweni yakamuva ukuthi inkundla nenkundla kufanele uyihloniphe ngendlela yayo. Indlela okufanele sidlale ngayo ayihlukile kakhulu endleleni okudlalwa ngayo imidlalo ye-ODI.
“Amawikhethi aseWest Indies ahlukile, ngakho-ke kufanele sidlale ikhilikithi ekhombisa ukuhlakanipha. Iqembu lonke, abashwibayo nababhethayo, kuzofanele lisheshe lijwayele izimo ezintsha esizobhekana nazo ukuze singawulahli umgqigqo wokunqoba imidlalo.”
Kuzocaca ngempelasonto ukuthi amaProteas azongena kuliphi iqoqo esigabeni seSuper 8. Uma eqeda eqhwakele kuPool D azongena kuGroup 2. Uma eqeda endaweni yesibili azongena kuGroup 1.