OWAYENGUMDLALI weKaizer Chiefs, uWillard Katsande, ugxeka izinkakha zaleli qembu ngokukhuluma kabi ngalo nokugxeka abadlali esidlangalaleni esikhundleni zokubakhuthaza.
UKatsande waseZimbabwe, wayeseqenjini laMakhosi elagcina liwine izindebe ngesizini ka-2014/2015 ngaphansi komqeqeshi, uStuart Baxter. Kule sizini abaphathi beChiefs bakhombise ukubhukula ngokuqasha umqeqeshi omusha, uNasreddine Nabi, ofike nethimba lakhe labaqeqeshi nokusayinisa abadlali abasha.
Lokhu kubukeka kwenyuse ithemba kubalandeli abangasayazi injabulo yokubona iqembu labo liphakamisa indebe. Ngesizini edlule, abalandeli bakhombise ulaka bethela isibhaxu abaqeqeshi okukhona kubona uMolefi Ntseki noCavin Johnson. UKatsande uthe nakuba abalandeli kufanele bambekezelele uNabi kodwa izinkakha zeChiefs zinesandla ekutheni baphelelwe yisineke.
“Ngiyayiqonda intukuthelo yeminyaka yamasizini ayisishiyagalolunye ngaphandle kwendebe. Kodwa thina siyizinkakha kufanele sibumbane, sikhulume izinto ezinhle ngeqembu. Kudingeka sigqugquzele abadlali abasebancane. Uma ubona umdlali odlala indawo owawuyidlala, kumele umgqugquzele.
“Yileyo indlela esizokwakha ngayo iqembu eliqinile. Uma sigxeka abadlali...(ngeke kulunge). Khumbula ukuthi siyizinkakha sinezwi elikhulu kubalandeli. Kumele ngikhulume kahle kubalandeli, ngibafundise indlela enhle okufanele balibheke ngayo ibhola,” kusho uKatsande.
“Ngingagxeka kodwa kumele ngigxeke ngokwakha ukuze noma umndeni womdlali ungizwa, ubone ukuthi angiqondile okubi, hhayi ukugxeka ngaphandle kokusiza. Kuqala ngathi siyizinkakha. Silidlalile ibhola, siliqonda kangcono kunabo bonke abantu. Ngakho kuwumsebenzi wethu ukuthi uma sithola ithuba lokukhuluma, sifundise abalandeli.”
Amakhosi azovula isizini ye-Betway Premiership ngokubhekana neMarumo Gallants eFree State Stadium ngoMgqibelo ngo-5.30 ntambama. Abalandeli bawo bazothola ithuba lokubona obekuphekwa nguNabi oselimise ngesihloko elokuthi akafuni ukubathembisa izulu nomhlaba.
“Umqeqeshi omusha ukujwayele ukuwina. Okufanele sikwenze wukumbekezelela. Udinga okungenani amawindi amathathu okusayinisa abadlali. Emuva kwalokho, sesingaqala sibheke ukuthi singayiwina yini iligi. Okubalulekile manje wukwakha isiko lokuwina ukuze sibuyisele iKaizer Chiefs lapho efanelwe wukuba khona. Uma kwenzeka kule sizini, siwine noma yindebe. Kodwa okuphambili wukuthi sizibekisele indawo kwiCaf Confederation Cup. Lokho kuyosho lukhulu eqenjini,” kusho uKatsande.