AMADODAKAZI wowayengungqongqoshe wezamaBhizinisi kaHulumeni, uMnuz Pravin Gordhan, athi abazi ukuthi bakhuluma ngani labo abagxeka ubaba wawo.
Amadodakazi kaGordhan athe ubaba wawo akafanelwe izinhlamba achashwa ngazo. Lokhu akusho enkonzweni yomngcwabo wakhe ebise-ICC.
Indodakazi kaGordhan, uNksz Anisha Gordhan, ithe ubaba wayo akufanele agxekelwe ukungenzi kahle kwezinkampani zikahulumeni ezifana ne-SAA, Denel nezinye ebezingaphansi komnyango abewuphethe ngaphambi kokhetho lwangoMeyi.
Uthe ubaba wakhe wazama ngakho konke okusemandleni akhe ukuhlenga lezi zinkampani ngesikhathi enikezwa lo mnyango ngo-2018.
“Iqiniso ukuthi imali emabhizinisini kahulumeni yaqala ukubhubhudlwa ngo-2009, kwaze kwaba u-2018. Ubuholi obangena ngo-2018 bafica amabhizinisi kahulumeni ebhekene nezinkinga. Abaholi abangena ngalesi sikhathi bazame ngayo yonke indlela ukulungisa izinkinga abazificile.”
UNksz Anisha uthe ukuhlaselwa kukaGordhan kubeke impilo yabo engcupheni njengoba ethe kube nezikhathi lapho bebethola khona izinsongo ezibhekiswe kubona bewumndeni.
Enye indodakazi kaGordhan, uNksz Priyesha Gordhan, ithe abantu bakuleli akufanele bavume ukudukiswa ilabo abakhuluma izinto ezingelona iqiniso ngoGordhan.
“Abantu baseNingizimu Afrika kufanele baqhubeke nokubuka ngeso elijulile izinto ezenzeka phambi kwabo, bengavumi ukudukiswa ilabo abakhuluma abakuthandayo.”
Uthe uGordhan ubewubaba onothando ekhaya, wathi ubengaziphakamisile emphakathini.
Umngani kaGordhan owayeyiphini lakhe eMnyangweni wezeZimali, uMnuz Mcebisi Jonas, uthe uGordhan ubethukwa kakhulu ilabo ababefuna ukucekela phansi igama lakhe.
“Inhloso yabo enkulu babefuna ukuthi uGordhan noMnyango woMgcinimafa behlelwe isithunzi khona babezokwazi ukuzitamuzela emalini yomphakathi.”
UJonas uthe baningi abantu abaqhelile kuGordhan ngenxa yokulwa kwakhe nenkohlakalo.
“Ubenombono owehlukile ikakhulu uma kukhulunywa indaba yokwakhiwa kabusha kwe-ANC. Lokhu bekumenza ukuthi abe inkomo edla yodwa.”
UJonas uchaze ngokugula kukaGordhan.
Uthe ngoJulayi, wabatshela ukuthi uphethwe umdlavuza.
“Wathi isimo sakhe sibi, wathi utshelwe ukuthi uzophila izinyanga ezintathu kuphela.”
UJonas uthe uGordhan ukhombise ukuba nesibindi ngesikhathi ebhekene nokugula.