OWAYENGUNOZINTI waMaZulu, uTapuwa Kapini, weluleka uVeli Mothwa ngokuthi engakuthathi kabi ukufika kukaRichard Ofori obhekwa njengozothatha indawo yakhe kuleli qembu.
UMothwa (33) usenuka umzondo kwabanye abalandeli baseMzansi nabaMaZulu kulandela ukwenza amaphutha evimbele iBafana Bafana nangesikhathi edlalela Usuthu olwagcine lwehlulwe yiPolokwane City emasontweni adlule. Umqeqeshi, uPablo Martin, umgqume ebhentshini, ijezi waliphosela u-Olwethu Mzimela ngesikhathi bebhekene neKaizer Chiefs emdlalweni weligi maphakathi nesonto. Kulo mdlalo, AmaZulu akhale ngaphansi ngo 3-1. Izolo, Usuthu luqinisekise ukuthi selusayinise u-Ofori waseGhaba obengenalo iqembu kusukela achithwa yi-Orlando Pirates ekupheleni kwesizini edlule.
“Manje sekuncike kumqeqeshi ukuthi ukholelwa kangakanani kuVeli. Kodwa naye kufanele akuthathe njengenselelo nethuba lokukhula ukufika kuka-Ofori. Uyazazi ukuthi unenkontileka eqenjini. Ngakho kumele amamukele u-Ofori. Mhlawumbe naye kade esethatha izinto kancane, esehlisile ejimini ngoba ezitshela ukuthi ubanga ijezi nomfana omncane, u-Olwethu,”kusho uKapini.
Ukufika kuka-Ofori sekuvele kubonwa njengokuphela ‘kombuso’ kaMotha. Lokhu kungenzeka kube nomthelela nakwiBafana kwazise umqeqeshi, uHugo Broos, akayibekezeleli isikhathi eside eyabadlali abangasitholi isikimu emaqenjini abo.
UKapini, osavuselwa amavundo ngabalandeli ngenxa yamaphutha awenza esadlala kuMaZulu eminyakeni edlule, uthe uMothwa kufanele avuke azithathe.
“Ngiyazi ukuthi uVeli uphatheke kabi ngenxa yamaphutha. Okubi ngokuba ngunozinti wukuthi elakho iphutha ligcina enethini. Okumele akwenze manje wukubhukula asebenze kanzima ejimini, azame ukuwadlulisa emqondweni amaphutha ngoba uma engakwenzi lokho kuzoholela ekutheni aphinde amanye. Ngiyakwazi abhekene nakho kubalandeli. Nami ngenza iphutha sidlala neBidvest Wits kodwa abazange bangixolele ngalo. Kwangisiza ukuba nabanye onozinti eduze kwami okungu-Aubrey Mathibe noPhilani Zikalala, bangikhuthaza. Abalandeli bafuna iqembu liwine futhi bayakukhohlwa okuhle okwenzile, bagxile emaphutheni. UVeli ufike kuMaZulu wasebenza, iqembu langena kwiCaf Champions League. Kodwa manje sebekukhohliwe konke lokho ngenxa yamaphutha ambalwa,”kusho uKapini.