ISOUTH African Football Association (Safa) isiqoke unompempe osanda kuthatha umhlalaphansi, uVictor Gomes, esikhundleni sokuba ngusihlalo wekomiti lo nompempe kule nhlangano eyengamele ibhola kuleli, iSafa Referees Committee.
Ukumenyezelwa kokuqokwa kwalolu qweqwe lukanompempe olusanda kuthatha umhlalaphansi, kwenziwe ngokusemthethweni emhlanganweni kazwelonke wesigungu esiphezulu seSafa obuseKempton Park, eGoli, ngoLwesihlanu.
Ukuqokwa kukaGomes ongena esikhundleni sikaNatasha Tsichlas, oyiphini likamengameli weSafa, kuhambisana nokulandela izimfuno zenhlangano engamele ibhola emhlabeni, iFifa, zokuthi usihlalo wekomiti lonompempe enhlanganweni ephethe ezweni kumele kube ngumuntu oke waba ngunompempe.
UGomes obaziwa ngokuba ngunompempe ongahleki ongathi nsi, ekuthatheni izinqumo enkundleni, ubeke izintambo ekubeni ngunompempe ngenothi eliphezulu, eshaya impempe emqhudelwaneni weNdebe yoMhlaba yeFifa, eQatar, ngoNovemba kuya kuDisemba nyakenye.
Kanti ngaphambi kwalokho ushaye into ecokeme kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) ebiseCameroon ngoFebhuwari nyakenye, nokuyilapho eshaye khona amaphiko kowamanqamu phakathi kwe-Egypt neSenegal.
“Ngithanda ukubonga, ikakhulukazi uMengameli (uDanny Jordaan) ngokunginika lesi sikhundla,” kusho uGomes.
“Ngizosebenza ngokuzinikela kulo msebenzi, ngendlela efanayo nangenkathi ngisengunompempe (kwiPremier Soccer League),” kuqhuba uGomes okubeke kwacaca ukuthi kuseqhulwini kulesi sikhundla sakhe esisha ukuletha i-VAR kuleli laseNingizimu Afrika.
Oyisikhulu esiphezulu kwiSafa, u-Advocate Tebogo Motlanthe, ube eseveza ukuthi iCaf ijube iSafa ekusingatheni iCaf African Schools Championships ezobanjelwa eThekwini, ngo-Ephreli nonyaka.