UMQEQESHI osemnkantshubomvu ebholeni laseNingizimu Afrika, u-Owen Da Gama, uncoma indlela okuthuthuka ngayo ukuqeqeshwa kwamaqembu adlala ezigabeni zeSafa eNingizimu Afrika. Lokhu kufakazelwa wukwenza kahle kweDondol Stars esimangaze abaningi ngokubhuquzisa amaqembu eDStv Premiership, emqhudelwaneni iNedbank Cup.
IDondol Stars yaseMamelodi, ePitoli, iqeqeshwa nguKhuliso Rashamushe, igijima ngaphansi kweSafa Gauteng ABC Motsepe League, ingelinye lamaqembu asezibekisele indawo kuma-quarterfinal eNedbank Cup kulandela ukuguqisa kwayo AmaZulu FC ngo 5-4 sekukhahlelwa amaphenathi, ngoLwesithathu emdlalweni weLast 16 eFNB Stadium, eGoli.
Iwashisa AmaZulu ijezi nje, yenza esifanayo nakwiSupersport United eyayiguqisa ngo 2-1 koweLast 32, njengoba isilindele ukuthola ngoMsombuluko ukuthi yiliphi iqembu ezoqhathwa nalo kuma-quarterfinal alo mqhudelwano.
“Ngicabanga ukuthi iSafa iyadinga ukushayelwa ihlombe ngezinhlelo zayo zokuthuthukisa abaqeqeshi emazingeni aphansi kusukela kuma-LFA kuya kwi-ABC Motsepe League, okuyizona zigaba esizithatha njengokuyizo eziyisizinda sokuthuthukiswa kwabadlali bethu lapha eNingizimu Afrika.”
“Uyabona, eminyakeni edlule amaqembu asezigabeni eziphansi zama-amesha ayengavamile ukuhamba ibanga kulo mqhudelwano kusukela usabizwa ngeMainstay Cup, kuze kube manje njengoba usubizwa ngeNedbank,” kusho uDa Gama
Uthe akakhulumi ngoMaritzburg City noSilver Stars okungamaqembu ayedlala kuFirst Division, nawo ake amangaza abaningi eshaya amaqembu ePremiership kulo mqhudelwano kodwa ukhuluma ngamaqembu adlala ezigabeni zama-amesha, ngaphansi kwezinhlaka zeSafa.
Uqhube wathi mkhulu umehluko obonakalayo manje emaqenjini adlala kulezi zigaba, ngendlela ehleleke ngayo indlela yawo yokudlala, namaqhinga asetshenziswa ngabaqeqeshi bawo.
“Lokhu kuwubufakazi bokuthuthuka kolwazi lokuqeqesha kubaqeqeshi abaqeqesha kulezi zigaba zeSafa, akusafani nakuqala lapho iningi lamaqembu akulezi zigaba ayeqeqeshwa ngabaqeqeshi ababaziwa “ngo-presser” (ngolimi lwaselokishini), ababengenalo ulwazi olufanele lokuqeqesha,” kusho uDa Gama.
“Ngicabanga ukuthi noma ngubani obebukela umdlalo weDondol Stars naMaZulu akawubonanga umehluko ongako phakathi kwala maqembu adlala ezigabeni ezimbili ezahlukene, okuyisigaba esikhokhelayo nesama-amesha, ngenxa yebhola elidlalwa yiDondol Stars,” kuqhuba uDa Gama.
Uthe kufanele kunconywe ukuthuthukiswa ngolwazi kwabaqeqeshi bezigaba eziphansi zeSafa, okuyinto ebaluleke kakhulu ebholeni lethu.