Cape Town City (0) 1
Orlando Pirates (1) 1
I-ORLANDO Pirates izihhafulele umsebenzi ngokubuya nomphumela ongemubi emdlalweni womlenze wokuqala wowandulela owamanqamu we-MTN8 neCape Town City ngoLwesithathu ebusuku, e-DHL Stadium, eKapa.
Ukubuya kweBucs negli lasekuhambeni kuyiphungulela umsebenzi kowomlenze wesibili ongoMgqibelo ngo-3 ntambama, e-Orlando Stadium, eSoweto.
Ezimnyama sekufanele ziqinisekise ukuthi iCity ayinqobi e-Orlando okanye ishaye amagoli angaphezulu kwelilodwa uma kuthiwa kudlalwa ngokulingana.
Kube isilomo, uRelebogile Mofokeng, esisukumise abalandeli beZimnyama ngegoli esiwombeni sokuqala.
Elokulinganisa leCity lishaywe, uJaeden Rhodes, kwesesibili.
IPirates evikela isicoco idlule ngehubo kwi-SuperSport United esigabeni esidlule kwathi ama-Citizens adinga iphenathi ukunqoba kwiSekhukhune United.
Umdlalo uvamise ukuyiphikisa iPirates uma idlalela eKapa naleli qembu ngakho-ke bekubhekiwe ukuthi iliphi elizowuqala ngamandla umdlalo.
Iqembu lasekhaya lizidedele zonke izinduku zalo ezintsha ngakho-ke imizuzu yokuqala engu-10 ithe iyophela, ezikaJose Riveiro bese zikuqonda kahle ukuthi zisemdlalweni.
IPirates ifudumale kuqala kwazise ifike eKapa isidlale emibili ye-Caf Champions League ngaphezulu kwewini ye-SuperSport kwi-MTN8.
Ngomzuzu ka-15, uMofokeng uthole ibhola elide livela, kuThabiso Sesane, walivala kamnandi ngekhanda labhajwa ezintanjeni.
Ngoka-19, uSipho Chaine usindise iPirates kulandela iphutha, lika-Patrick Maswanganyi, ibhola lawela kuPrins Tjiueza, oshaye ipali ladlula ngaphezulu.
Kusukela kungene igoli umdlalo ufudumale ngale ndlela yokuthi bekungaselula ukuqagela ukuthi igoli elilandelayo lizoshaywa ilona liphi iqembu.
Nakuba iCity ibilandela ngemuva kodwa ibilokhu izame njalo ukufika ezintini zePirates kubhoke uTjiueza obefika agotshwe uChaine.
Nakuba iCity ike yakhombisa izimpawu zokuvuka seziyela ngasekhefini kodwa igcine ingakwazanga ukubuyela emdlalweni kwazise uChaine ubala ukhasha ezintini zeBucs.
Noma ngabe yini u-Eric Tinkler ayitshele abadlali bakhe ngekhefu isebenzile ngoba babuye kusona sekukungathi bathelwe ngezibonkolo.
Imizamo ye-City ize yaphendulwa ngomzuzu ka-61 ngesikhathi, uRhodes elinganisa ngegoli elishayise kwisitobha sePirates, u-Olisah Ndah.
ICity ibisivuke indlobane emuva kokulinganisa kwaze kwaphoqa ukuthi uMofokeng akhishwe kufakwe uMakhehleni Makhaula, Evidence Makgopa no-Gilberto obebonakala okokuqala kwiBucs.
Akubange kusangena goli emuva kwezinguquko ezenziwe abaqeqeshi nhlangothi zombili umdlalo waphela zibambene.